Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 7:4 - IsiZulu 2020

4 Ubothi kuye: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, ungadangali enhliziyweni yakho ngenxa yalezi ziphunzi zezikhuni ezimbili ezithunqayo, nangokuvutha kolaka lukaRezini ne-Aramu, nolwendodana kaRemaliya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wathi kuye: “Nakekela, uthule; ningesabi, ningadangali ngenxa yemisila yomibili yale mililo ethunqayo, ngenxa yolaka lukaResini phezu kwe-Aramu nendodana kaRemaliya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 7:4
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngonyaka wama-52 wokubusa kuka-Azariya, inkosi yakwaJuda, uPheka, indodana kaRemaliya, waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka engama-20 eSamariya.


Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”


Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade Wamabandla, ithi: “Bantu bami, enihlala eZiyoni, ningabesabi abase-Asiriya lapho benishaya ngentonga yabo, bephakamisa induku yabo ukumelana nani, njengoba kwenza abaseGibhithe.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uSimakade oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Lapho niphenduka niphumula, niyakusindiswa, amandla enu abe sekuthuleni nasekwethembeni, kepha anithandanga.


Ngokuba usizo lweGibhithe luyize, futhi alunto yalutho, yingakho ngilibiza ngoRahabi ohleze ethule.


Yishoni kwabanhliziyo enokwesaba, nithi: “Yimani isibindi, ningesabi, bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngempindiselo, impindiselo kaNkulunkulu, nguye oza ukunisindisa.”


u-Izaya wathi kuzo: “Niyosho enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uSimakade: “Ungawesabi amazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingethuke ngawo.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; Mina ngiyokusiza,” kusho uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli.


Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba.


ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku, inhloko yeDamaseku nguRezini; ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe, engasesona ngisho isizwe.


Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya, inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyukuma.’ ”


ngokuba uyothi umntwana engakakwazi ukuthi: ‘Baba,’ noma ‘Mama,’ ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya ibe isithuthelwe enkosini yase-Asiriya.”


“Ngenxa yokuthi laba bantu bawenqaba amanzi aseShilowa ageleza buthule, bathokozela uRezini nendodana kaRemaliya,


Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.


USimakade wathi kuSathane: “USimakade uyakukhuza, Sathane. Impela, uSimakade okhethe iJerusalema uyakukhuza. Lona akasiso yini isikhuni esophulwe emlilweni na?”


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Niyakuzwa ngezimpi, namahemuhemu ezimpi. Nina ningethuki, ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki.


athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Namuhla nisondela empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningabi natwetwe phambi kwazo.


UDavide wayesethi kuSawule: “Izinhliziyo zabantu mazingadangaliswa yilowo muntu. Inceku yakho izohamba ilwe nalowo mFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ