Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 7:2 - IsiZulu 2020

2 Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwabikelwa indlu kaDavide, kwathiwa: “I-Aramu ihlangene no-Efrayimi.” Inhliziyo yakhe yanyakaziswa, nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yehlathi inyakaziswa ngumoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 7:2
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


Yena uyokuba nesizwe esisodwa ngenxa yenceku yami, uDavide, nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethe kuzona zonke izizwe zakwa-Israyeli,


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Wakhuluma kulelo althare ngezwi likaSimakade, wathi: “Althare, althare, usho kanje uSimakade kuwe, uthi: ‘Kuzozalwa umntwana endlini kaDavide, igama lakhe nguJosiya. Uyonikela phezu kwakho ngabaphristi basezindaweni eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ”


U-Amaziya wawahlakaza amabutho ayefike kuye evela kwa-Efrayimi ukuba abuyele ezindaweni zawo, kepha lokho kwenza amthukuthelele kakhulu uJuda, abuyela ezindaweni zawo ethukuthele kakhulu.


Kwase kusukuma izinhloko zabakwa-Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, uBherekhiya indodana kaMeshilemothi, uJekhizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nalabo ababebuya empini,


Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Umona ka-Efrayimi uyophela, nalabo abahlukumeza uJuda bayakunqunywa; u-Efrayimi akaseyukuba nomona ngoJuda, noJuda akaseyukumhlukumeza u-Efrayimi.


Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.


Ababakhe kuyo baphelelwa ngamandla, besaba, bajabha; baba njengembali notshani obuluhlaza, njengokuluhlaza ophahleni lwezindlu, nanjengamabele antshwamile, engakakhuli kahle.


“Ngiyakuwuvikela lo muzi ngiwusindise ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.”


Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


Wayesethi: “Ake ulalele wena ndlu kaDavide! Kawukhathali yini ukuhlupha abantu, sewufuna ukukhathaza ngisho uNkulunkulu wami na?


USimakade uzokwehlisela phezu kwakho, nabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingakaze zibonwe kusukela ngosuku u-Efrayimi aqembuka ngalo kwaJuda, inkosi yase-Asiriya iyoba nawe shaqa.”


Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebe ukukulimaza, bethi:


“Ningakubizi ngokuthi wuzungu konke lokhu laba bantu abathi wuzungu. Ningakwesabi abakwesabayo; ningabi naluvalo ngakho.


Bonke abantu bayazi ngalo, u-Efrayimi nezakhamuzi zaseSamariya, kodwa okwathi ngokuqhosha nangokuzidla kwabo, bathi:


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe.


UHerode, inkosi, esekuzwile lokho wakhathazeka nalo lonke iJerusalema.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ