Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 66:13 - IsiZulu 2020

13 Njengonina eduduza umntwana wakhe, kanjalo ngiyoniduduza, nina niduduzeke eJerusalema.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Njengoduduzwa ngunina, kanjalo ngiyakuniduduza nina, niduduzeke eJerusalema.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Njengoduduza unina, kanjalo ngiyakuniduduza; futhi niyoduduzwa eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 66:13
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu.


Emicabangweni eminingi yenhliziyo yami, ukududuza kwakho kuyawuthokozisa umphefumulo wami.


Ngalolo lusuku uyothi: “Ngiyakubonga, Simakade, ngokuba ubungithukuthelele, kodwa intukuthelo yakho uyinqandile, wangiduduza.


Duduzani, nibaduduze abantu bami, kusho uNkulunkulu wenu.


Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.


“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.


“Thokozani neJerusalema, nethabe nalo nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo, nina nonke enilililelayo,


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wobubele bonke, uNkulunkulu wenduduzo yonke,


osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu.


nakuba sasingaba yisisindo kini njengoba singabaphostoli bakaKhristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengonina onakekela abantwana bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ