Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 66:1 - IsiZulu 2020

1 Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Iphi indlu oNgakhela yona? iphi indawo yami yokuphumula na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 66:1
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?


UDavide, inkosi, wasukuma wama ngezinyawo, wathi: “Ngilaleleni bafowethu, nani bantu bami: bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade indlu yokuphumula, neyisenabelo sezinyawo zikaNkulunkulu wethu; ngiwenzile amalungiselelo okuba ngakhe.


“Indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu, ngokuba mkhulu uNkulunkulu wethu phezu kwabo bonke onkulunkulu.


“Ngabe uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Izulu namazulu amazulu angekwanele; pho kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo na?


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


“Masingene endlini yakhe, sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.


Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke nisentabeni yakhe engcwele, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ungcwele.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


“Inkazimulo yaseLebhanoni iyakuza kuwe, umsayiphuresi, ishoba nomkhoba konke kanyekanye, kuyohlobisa indawo yendlu yami engcwele, ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha ngithi kini: kukhona lapha okukhulu kunethempeli.


Waphendula wathi kubo: “Anikuboni yini konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: akuyukushiywa lapha itshe phezu kwelinye elingayikudilizelwa phansi.”


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ