Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 61:9 - IsiZulu 2020

9 Abantwana babo bayakwaziwa phakathi kwezizwe, nezizukulwane zabo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayovuma ukuthi bayisizukulwane uSimakade asibusisile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Inzalo yabo iyakwaziwa phakathi kwezizwe, nabantwana babo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayakubavuma ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi inzalo yabo iyokwaziwa phakathi kwezizwe, nenzalo yabo phakathi kwezizwe; bonke abababonayo bayakuqaphela ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 61:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;


USimakade makanandise, nina nabantwana benu.


“UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukuba anibusise ngokuniphendula, kube yilowo nalowo aphenduke ebubini bakhe.”


futhi zonke izizwe zomhlaba ziyakubusiswa ngezizukulwane zakho, ngokuba ulilalelile izwi lami.’ ”


Njengoba beniyisiqalekiso ezizweni nina ndlu kaJuda nani ndlu ka-Israyeli, ngiyakunisindisa, nibe yisibusiso; ningesabi, kodwa maziqine izandla zenu.”


Abayukushikashikela ize, noma bazale izingane bezizalela ukuhlupheka, ngokuba bayizizukulwane zababusisiweyo bakaSimakade, kanjalo nabantwana babo.


ULabani wathi kuye: “Uma uzongivumela ukuba ngisho lokhu: ngizwile uma ngibhula ukuthi uSimakade ungibusise ngenxa yakho.


Ungesabi, ngokuba nginawe, ngiyakuletha abozalo lwakho bevela empumalanga, ngikuqoqe nasentshonalanga.


Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.


“Njengalokhu izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” kusho uSimakade, “kanjalo izizukulwane zakho negama lakho kuyakuma.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Mhlabeleleni ngentokozo uJakobe, nihlokomele inhloko yezizwe, nizwakalise ukudumisa, nithi: ‘Simakade, sindisa abantu bakho insali yakwa-Israyeli.’


“Zonke izizwe ziyakuthi kini nibusisiwe, ngokuba nina niyakuba yizwe elithokozisayo,” kusho uSimakade Wamabandla.


UNkulunkulu wathi kuBhileyamu: “Awunakuhamba, awunakubaqalekisa labo bantu, ngoba babusisiwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ