Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 61:2 - IsiZulu 2020

2 Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngimemezele umnyaka womusa kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 ukumemezela umnyaka womusa kaJehova nosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu; ukududuza bonke abalilayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 61:2
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo.


Lilani, ngokuba usuku lukaSimakade lusondele; luyofika njengencithakalo evela kuSomandla.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile.


Ngokuba uSimakade uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uzakuzibhubhisa, azinikele ukuba zibulawe.


Ngokuba uSimakade unosuku lwempindiselo, unonyaka wempindiselo ngenxa yeZiyoni.


Yishoni kwabanhliziyo enokwesaba, nithi: “Yimani isibindi, ningesabi, bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngempindiselo, impindiselo kaNkulunkulu, nguye oza ukunisindisa.”


Duduzani, nibaduduze abantu bami, kusho uNkulunkulu wenu.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakukuphendula ngesikhathi somusa, ngikusize ngosuku lokusindiswa; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe, nokubenza badle amafa achithekileyo.


“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngizakumhola, ngimbuyisele ukududuzeka, yena nabamlilelayo.


Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na?


“Abezizwe bayakwakha izingange zakho, amakhosi abo akukhonze; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, manje sengiyakuhawukela ngomusa wami.


Niyokukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengotshani, isandla sikaSimakade siyokwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, azithukuthelele izitha zakhe.


Intombi iyakuthokoza ngokusina, izinsizwa nabadala bajabule kanyekanye. Ngiyakuguqula ukukhala kwabo kube yinjabulo, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.


Lolu lusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla; usuku lokuphindisela, nolokuziphindiselela ezitheni zakhe. Inkemba iyakudla yesuthe, iyakuzanelisa ngegazi labo, ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla inomhlatshelo enyakatho, ngasemfuleni iYufrathe.


Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.


Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.


Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka.


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile nangosuku lwensindiso ngakuhlenga.” Qaphela, manje sekuyisikhathi esihle kakhulu. Impela, manje wusuku lwensindiso.


besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ