Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 6:3 - IsiZulu 2020

3 Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uSimakade Wamabandla, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Enye yabiza enye, yathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti; umhlaba wonke ugcwele inkazimulo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 6:3
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Babemdumisa uSimakade, bembonga ngamaculo, becula bethi: “Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade ku-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka, bamemeza kakhulu ngentokozo, bedumisa uSimakade lapho bebona kubekwa isisekelo sendlu yakhe.


Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu, inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.


Hubelani udumo lwegama lakhe, nimnike udumo nimbonga.


Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Emlonyeni wezingane nowabancelayo, umisile amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze ushabalalise isitha nomphindiseli.


Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho, nenkazimulo yakho, kubantwana bazo.


Amazulu ashumayela ngokulunga kwakhe, nezizwe zonke ziyayibona inkazimulo yakhe.


Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.


Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke nisentabeni yakhe engcwele, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ungcwele.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


Emikhawulweni yomhlaba sizwa amahubo okudumisa, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kodwa mina ngithi: “Maye, kimina, ngokuba ngiyafa, ngiyafa!” Ngokuba abakhohlisi bakhohlisile, abakhohlisi bakhohlisile kakhulu.


Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.


Bheka, inkazimulo kaSimakade yavela empumalanga, izwi lakhe lezwakala njengokuhaza kwamanzi amaningi, inkazimulo yakhe yawukhanyisa umhlaba.


Wayesengiyisa phambi kwendlu ngendlela yesango esenyakatho. Ngabuka; bheka, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu yakhe; ngase ngiwa ngithi mbo ngobuso.


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaSimakade, njengamanzi esibekela ulwadle.


USimakade uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke. Ngalolo lusuku uSimakade uyakuba yedwa vo, negama lakhe libe lilodwa zwi.


Nokho ngifunga ngiyagomela, uma nje inkazimulo kaSimakade isawugcwalisa umhlaba wonke,


esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ