Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 6:2 - IsiZulu 2020

2 Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi; yilelo nalelo linamaphiko ayisithupha; ngamabili awo lamboza ubuso balo, ngamabili lamboza izinyawo zalo, nangamabili landiza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi;* yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Phezu kwalo kwakumi amaserafi, yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili yamboza ubuso bayo, nangamabili yamboza izinyawo zayo, nangamabili yandiza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 6:2
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhrama wakhothama wathi mbo ngobuso, uNkulunkulu wathi kuye:


Kwathi lapho u-Eliya elizwa wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema ekungeneni komgede. Kwase kufika kuye izwi, lathi: “Eliya, wenzani lapha na?”


UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwa izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi; nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye, kwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.


Elinye iphiko lekherubhi lalingamakhubhithi ayisihlanu, nelinye iphiko lekherubhi lingamakhubhithi ayisihlanu; kusukela esihlokweni selinye iphiko kuze kufike esihlokweni selinye, kwakungamakhubhithi alishumi.


Wawabeka amakherubhi phakathi nendlu engaphakathi; amakherubhi awelula amaphiko, iphiko lelinye lathinta odongeni, nephiko lelinye ikherubhi lathinta odongeni olunye; amaphiko awo athintana phakathi nendlu.


Amakherubhi ayelulele amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, awusibekela umphongolo nezingongolo zawo ngaphezulu.


“Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.”


Langa limbe, amadodana kaNkulunkulu eza azibonakalisa phambi kukaSimakade, noSathane wafika waba mdibi munye nawo.


Nabangcwele bakhe akabethembi, nezulu alihlanzekile emehlweni akhe,


Bheka, akethembi ngisho izinceku zakhe, nezingelosi zakhe uzibeka icala.


Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enigcina izwi lakhe nilalele okushiwo yilo.


wenza umoya ube yizithunywa zakhe, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.


Uza endiza, egibele ikherubhi, eshweza ngamaphiko omoya.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


Amakherubhi ayokwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze ngawo isihlalo somusa, abhekane ngobuso; ubuso bawo buyobheka isihlalo somusa.


Wayesethi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.” UMose wafihla ubuso bakhe, ngokuba wayesaba ukubheka uNkulunkulu.


Amakherubhi ayendlale amaphiko awo phezu kwesihlalo somusa, esembozile; ebhekene ngobuso bawo, ayesebheka esihlalweni somusa.


Elinye lamaserafi landizela kimi liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo, elalilithathe ngodlawu e-althare.


Babunjalo-ke ubuso bazo zozine. Amaphiko azo ayelulekele phezulu. Kuyilelo nalelo lamaphiko amabili ethintene, kuthi amabili emboze imizimba yazo.


Kwathi lapho zihamba ngezwa umsindo wamaphiko azo ufana nomsindo wamanzi amaningi, unjengezwi likaSomandla nanjengomsindo weziqubulo zempi. Kwakuthi lapho zima, ziwehlise amaphiko azo.


Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo.


kodwa yileso naleso sidalwa sasinobuso obune, namaphiko amane.


amaphiko azo ayethintene, yileso naleso sasingaphenduki lapho sihamba, yileso naleso sasihamba siqonde lapho kubheke khona ubuso baso.


Kwakuthi lapho amakherubhi ehamba, namasondo asemaceleni ahambe, kuthi uma amakherubhi evula amaphiko awo ukuba andize, asuke emhlabathini, amasondo angagudluki eceleni kwawo.


Yilelo nalelo lalinobuso obune, amaphiko amane, nokufana nezandla zomuntu okwakungaphansi kwamaphiko awo.


Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Yayala ababemi phambi kwakhe, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Yayisithi kuye: “Uyabona, sengisisusile kuwe isiphambeko sakho; ngizokwembathisa izingubo zobukhosi.”


Isixuku sonke sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sokunikelwa kwempepho.


Nangezingelosi, uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”


Ngabona futhi enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade, eyakulishumayela kulabo abahleli emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi nabantu.


Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”


Izingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi, amalunga, nezidalwa ezine zawa zathi mbo phansi ngobuso, phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zithi:


Ngase ngibona, futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kulabo abakhileyo emhlabeni, lapho sekukhala amacilongo asasele, njengoba izingelosi ezintathu zizakuwabetha!”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ