Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 57:4 - IsiZulu 2020

4 Nihlekisa ngobani, nikhamisela bani umlomo, nivezela bani ulimi ngaphandle na? Anisibo yini abantwana besiphambeko, inzalo yamanga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Udlala nobani? Uvulela bani umlomo wakho, ukhiphele ulimi lwakho? anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 57:4
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Zingikhamisele imilomo yazo njengebhubesi elibhodlayo nelidwengulayo.


Sengingawabala wonke amathambo ami. Bangigqolozela, beklibhiza.


Bonke abangibonayo bayangibhinqa, banginkonkozele, banikine amakhanda,


Banginkonkozela kakhulu, bethi: “Ashila, ashila, besivele sibona!”


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami, izidakwa zihaya ingoma ngami.


Usaziphakamisa, awufuni ukuvumela abantu bami ukuba bahambe na?


Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.


Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?


USimakade uthi: “Maye, kubantwana abahlubukayo, abenza amacebo okungewona awami, abenza isivumelwano esiphambene nomoya wami, ukuze bathasisele isono phezu kwesinye.


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukulalela umthetho kaSimakade,


Ngubani lona omedelelile, nomethukile na? Ngubani lona omphakamisele izwi lakho, nobhekisa amehlo akho phezulu, umqhoshela na? Ngabe ukwenza lokhu koNgcwele ka-Israyeli!


ukufutheka kolaka lwakho ngami, nokuzidla kwakho sekufinyelele ezindlebeni zami; ngizofaka ingwegwe yami emakhaleni akho, netomu lami emlonyeni wakho; ngikubuyisele emuva ngendlela oweza ngayo.


Yebo, awukaze ukuzwe, awukaze ukwazi, kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele, nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.


nina enisha yizinkanuko phakathi kwemi-okhi, phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; enibulala abantwana ezigodini, phansi kwemifantu yamadwala na?


Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.


Bangabantu abanenkani nenhliziyo elukhuni, ngiyakuthuma kubo, uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi ...’


“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?


Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”


Insimu yizwe, imbewu enhle yilabo abangabantwana bombuso; ukhula ngabantwana bomubi.


eluka umqhele wameva, awufaka ekhanda, amphathisa umhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”


“Onizwayo nina, uyangizwa Mina; onganemukeli nina, akangamukeli Mina; ongangemukeli Mina, akamemukeli ongithumileyo.”


Wawela phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawula, Sawula, ungihluphelani na?”


Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu kubantu bokungalaleli;


Bonke abantu babuyela kuJoshuwa enkanjini eMakheda bephephile, akubanga bikho owake wakhuluma okubi ngo-Israyeli.


Bayakwemukeliswa isijezo esifanele ukwenza kwabo okubi. Bacabanga ukuthi ukutamasa nokuminza imini yonke kungukujabula, kepha bayizisihla nehlazo bezitika ekuzikhohliseni kwabo, okunenza nibe namahloni uma bedla nani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ