Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 57:2 - IsiZulu 2020

2 angene ekuthuleni. Abahambe ngobuqotho bayophumula emibhedeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uyakungena ngokuthula; bayophumula emibhedeni yabo, kube yilowo nalowo ehamba ngobuqotho bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 57:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.


Lapho izikhohlakali zingasakwazi ukuhlupha, nalapho abakhathele besekuphumuleni.


Mqaphele ongenasici, umbheke oqotho, ngokuba uyobona izizukulwane onokuthula.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Wonke amakhosi ezizwe, wonke alale ngodumo, yileyo naleyo edlinzeni layo.


Indlela yabalungileyo iqondile, Wena Olungileyo uyenza ibe bushelelezi indlela yoqotho.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


I-Elamu balilungisele umbhede naso sonke isixuku salo, amathuna alo alizungeze nxazonke, bonke abangasokanga babulawe ngenkemba, ngokuba benza ukuba besatshwe ezweni labaphilayo, sebethwele ihlazo labo nalabo abehlela egodini; yebo, balele nababuleweyo.


“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; sewuphumulile, uyakuma esabelweni sakho ekupheleni kwezinsuku.”


“Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka wengamele okuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


“Wayesefa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wayiswa esifubeni sika-Abhrahama. Safa nesicebi, sangcwatshwa.


“Nkosi, sale usumukisa inceku yakho ngokuthula, njengezwi lakho,


Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba, ngokuthula.”


Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.


Simi isibindi, singathanda ukwehlukana nekhaya elisemzimbeni, ukuba sibe sekhaya eliseNkosini.


Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu;


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ