Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 52:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Nathengiswa ngento engelutho; niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Nathengiswa ngento engelutho; niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Nizithengisele ize; futhi niyosala ningenamali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 52:3
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isizwe sakho usithengise ngenani eliphansi, wangathola nzuzo ngaso.


Usenze isethuko komakhelwane bethu, inhlekisa nendumalo kwabasiphahlileyo.


“IZiyoni lizokhululwa ngobulungiswa, nalabo abakulo baphenduke ngokulunga.


Mina ngimvusile lona ngokulunga; ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe; uyakuwakha umuzi wami, avumele abathunjwa bami ukuba bahambe, kungabi ngomfumbathiso nangesipho,’ kusho uSimakade Wamabandla.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


Bayobizwa ngokuthi ngabantu abangcwele, abahlengiweyo bakaSimakade. Wena uyothiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiywanga.


Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; unyaka wokuhlenga kwami usufikile.


Ngiyakunikela ngemfuyo yakho nangengcebo yakho, kube yimpango; ungakhokhelwa lutho ngakho, ngenxa yazo zonke izono zakho kuzo zonke izifunda zakho.


“ ‘ “Lapho wakha iqhugwane lakho ekuqaleni kwemigwaqo, wenza indawo yakho ephakemeyo kuzo zonke izigcawu, wawungafani nesifebe esikhokhelwayo,


Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo; ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengizaphulile izikeyi zejoka lazo, futhi ngazihlenga esandleni salabo ababezenze izikhonzi zabo.


“ ‘Uma engahlengwanga ngalezi zindlela, ngonyaka wejubhili uyokhululeka nabantwana bakhe.


Nina niyazi ukuthi nahlengwa ezintweni ezingasho lutho zokhokho benu, hhayi ngezinto eziphelayo njengesiliva noma igolide,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ