U-Isaya 51:9 - IsiZulu 20209 Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na? အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE9 Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na? အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20249 Vuka, vuka, wembathe amandla, ngalo kaJehova! vuka, njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasendulo. Akuwena yini owagawula uRahabi, washaya udrako? အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
UGideyoni wathi kuyo: “Kodwa mnumzane, uma uSimakade enathi, kungani kwenzeke konke lokhu kithi, na? Ziphi zonke izenzo zakhe ezimangalisayo, okhokho bethu abasixoxela ngazo, bethi: ‘Akazange yini uSimakade asikhuphule eGibhithe, na?’ Kepha manje uSimakade usilahlile, wasinikela esandleni sabakwaMidiyani.”