Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 5:9 - IsiZulu 2020

9 USimakade Wamabandla wathi ezindlebeni zami: “Impela iningi lezindlu liyokuba yincithakalo, izindlu ezinkulu nezinhle kungabi namuntu ohlala kuzo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Yebo, izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, ezinkulu, zizinhle, zingabi namuntu ohlala kuzo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 5:9
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuba ligcwaliseke izwi likaSimakade ngomlomo kaJeremiya, ukuze izwe laneliseke ngamasabatha alo. Ngazo zonke izikhathi, liyakuba yincithakalo liphumule kuze kuphele iminyaka engama-70.


Wahlala emizini eyincithakalo, nasezindlini okungahlali muntu kuzo, ezimiselwe ukuba ngamanxiwa.


Akusalanga lutho angaludlanga, ngakho-ke impumelelo yakhe ayinakuma.


Othola inzuzo ngokungafanele uhlupha umndeni wakhe, kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.


USimakade Wamabandla uzambulile ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi siphambeko aniyukuthethelelwa sona nize nife,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Ngokuba umuzi obiyelweyo usuyize, ikhaya lishiyiwe, lalahlwa, lanjengehlane; ithole seliklaba kulo, libuthise, lidle, liphundle amagatsha.


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.


“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.


Ngokuba bhekani, uSimakade ukhipha umyalo, uyakushaya indlu enkulu ibe yizimvithi, nendlu encane ibe yimfucumfucu.


Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.


Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane.


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ