Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 5:5 - IsiZulu 2020

5 Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Manje hambani niye; Ngiyakunitshela engiyakwenza esivini sami: ngiyakususa uthango lwaso, siqedwe; futhi uyobhidliza udonga lwawo, futhi uyonyathelwa phansi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 5:5
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


“INkosi uSimakade iwalaxazile onke amaqhawe ami, ibize imbizo ukuze imelane nami; ifihlize izinsizwa zami, kuhle kwesikhamo sewayini inyathele intombi eyindodakazi yakwaJuda.


Isivumelwano senu nokufa siyochithwa, ukuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuseyukuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sedlula, siyonifihliza.


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli uliyeke, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwugxobagxoba izinyanga ezingama-42.


Uyakufihliza ngezinyawo umqhele wokuzikhukhumeza, wezidakwa zakwa-Efrayimi.


Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.


Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”


Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”


Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owayekhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esibhubhisayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”


Amakhosi omhlaba, nazo zonke izakhamuzi zawo, azikholwanga ngukuthi izitha nabamelene neJerusalema babengangena emasangweni alo.


Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.


Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?”


Udilize zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.


bheka, kwakumile ukhula lwameva, kwembozwe gimbici yimbabazane, nomthangala okubiyeleyo udilikele phansi.


Ezinsukwini ezingaphezu konyaka niyoqhaqhazela nina besifazane abazethembayo ngokuba iwayini eliphambili lizophela, nokuvunwa kwezithelo akuyukufika.


“Ngakho-ke yisho manje kubo bonke abakwaJuda nakuzo izakhamuzi zaseJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bhekani, nginibumbela inhlekelele, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’ ”


‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakuziguqula izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBhabhele namaKhaledi anivimbezeleyo, angaphandle kogange, ngizozibuthela phakathi kulo muzi.


abaphrofethi ababephambi kwami nababephambi kwakho kusukela emandulo, baphrofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, inhlekelele, nangobhubhane.


“Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe.


Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.


Bonke abadlula ngendlela bayamphanga, useyihlazo kwabakhelene naye.


isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;


Yachithachitha indlu yayo, njengedlangala ensimini, yabhubhisa indawo yayo yokuhlanganela. USimakade wenza imikhosi emisiweyo namaSabatha, akwabe kusakhunjulwa eZiyoni; ngokufutheka kolaka lwakhe, waziqhelelanisa nenkosi nabaphristi.


“Ngakho-ke bhekani, ngiyakumyenga, ngimholele ehlane, ngikhulume enhliziyweni yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ