Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 5:2 - IsiZulu 2020

2 Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 wasimba, wakhipha amatshe aso, wasitshala ngomvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yasibiyela, yakhipha amatshe aso yatshala kuso umvini omuhle kakhulu wakha umbhoshongo phakathi kwaso, wenza nesikhamo sewayini kuso; futhi wabheka ukuthi yayiyoveza izithelo zomvini, futhi yathela izithelo zomvini zasendle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 5:2
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala,


Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.


Ukhiphe umvini eGibhithe, wasusa izizwe, wawutshala.


Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba.


Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”


Indodakazi yaseZiyoni isele njengedlangala esivinini, njengexhokovana ensimini kakhukhamba, nanjengomuzi ovinjezelweyo.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


“USimakade Wamabandla owakutshala ukhulume okubi ngawe, ngenxa yobubi obenziwe yindlu ka-Israyeli nendlu yakwaJuda, bachukuluza ulaka lwami ngokushisela uBhali impepho.”


Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, wathela izithelo zakhe eziningi, ngokwanda kwesithelo sakhe wandisa ama-althare akhe; kwathi ngokuchuma kwezwe lakhe wenza izinsika ezingcwele.


Wena mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe, impela kuyakufika ukubusa kwakuqala, umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema.


Ngiyambona ngiseziqongweni zamadwala, ngisemagqumeni, ngiyambona. Bheka, ngibona abantu abahlala bodwa abazibona beyisizwe esehlukile kwezinye izizwe.


Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi.


“Lalelani nanku omunye umzekeliso. Kwakukhona umuntu ongumninindlu. Lo muntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba lapho isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wayeseqashisa ngaso kubalimi; waya kwelinye izwe.


Kwathi sekusondele isikhathi sokuvuna, wathumela izinceku zakhe kubalimi ukuba zilande izithelo zakhe.


Wabona umkhiwane buqamama, unamaqabunga, wasondela kuwo ethi hleze angathola okuthile kuwo. Esefikile kuwo akatholanga lutho, kodwa amacembe wodwa nje, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane.


UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe.


Ngesikhathi sokuvuna, wathumela inceku kubalimi ukuba ilande kubalimi izithelo zesivini.


abangaba-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo; izivumelwano, ukumiswa komthetho, inkonzo, nezithembiso;


Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angadli isithelo saso na? Ngubani owalusa umhlambi, angaludli ubisi lomhlambi na?


Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?


Emveni kwalokho wathanda owesifazane wasesigodini iSoreki, igama lakhe kunguDelila.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ