Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 5:1 - IsiZulu 2020

1 Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivunde kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Manje sengizahlabelela othandiweyo wami ingoma yothandiweyo wami mayelana nesivini sakhe. Othandiweyo wami unesivini egqumeni elivundile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 5:1
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizohuba ngomusa nobulungiswa, ngikudumise Wena Simakade.


Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle, ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi, ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.


Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, usiphendule.


Ukhiphe umvini eGibhithe, wasusa izizwe, wawutshala.


Othandiweyo wami ungowami, nami ngingowakhe; welusela phakathi kweminduze.


Okuphuma emlonyeni wakhe kumnandi, konke ayikho kuyanxaneleka. Yilowo othandiweyo wami, yilowo-ke ongumngani wami, madodakazi aseJerusalema.


Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”


Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami. Welusela phakathi kweminduze.


Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.


Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?


“Ndodana yomuntu, kungani ukuba ukhuni lomvini luyedlule yonke eminye imithi, negatsha lomvini phakathi kwezinye izihlahla ehlathini na?


“ ‘Unyoko wayenjengomvini otshalwe ngasemanzini; othela kakhulu futhi ugcwele amagatsha ngenxa yamanzi amaningi.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, wathela izithelo zakhe eziningi, ngokwanda kwesithelo sakhe wandisa ama-althare akhe; kwathi ngokuchuma kwezwe lakhe wenza izinsika ezingcwele.


“Lalelani nanku omunye umzekeliso. Kwakukhona umuntu ongumninindlu. Lo muntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba lapho isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wayeseqashisa ngaso kubalimi; waya kwelinye izwe.


UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe.


Waqala ukulandisa abantu lo mzekeliso, wathi: “Umuntu othile watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, wayesehamba isikhathi eside.


“Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi.


“Uyakudla usuthe, umbonge uSimakade uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uzakukungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana enamanzi, imithombo, namanzi aphuphuma ezinzulwini, ageleze ezigodini nasezintabeni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ