Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 41:1 - IsiZulu 2020

1 “Thulani phambi kwami, nina ziqhingi, izizwe mazithole amandla amasha, mazisondele bese zikhuluma, mazisondele zonke ukuba zehlulelwe ndawonye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Thulani phambi kwami nina ziqhingi, izizwe zithole amandla amasha. Mazisondele, andukuba zikhulume, sisondelane ekwahluleleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Thulani phambi kwami, nina ziqhingi; izizwe mazivuselele amandla azo; mabasondele; khona-ke mabakhulume; masisondele kanyekanye ekwahlulelweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 41:1
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise.


Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


Sondelani nina zizwe, nizwe, nina bantu, lalelani! Mawuzwe umhlaba nakho konke okuwugcwalisile makuzwe izwe nakho konke okuphuma kulo.


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Iziqhingi zibonile, ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela, iyasondela, futhi isifikile.


Ngikhumbuze, masiqagulisane, lubeke udaba lwakho, ukuze kubonakale ukuthi awunacala.


Izizwe zonke mazihlangane ndawonye; abantu bonke babuthane. Ngubani phakathi kwabo ongasho lokhu, asitshele izinto zakuqala na? Mabalethe ofakazi babo ukuze bazobafakazela, mabezwe bese bethi: “Kuliqiniso.”


“Sondelani kimi, nizwe lokhu; angikushongo yini ekusithekeni kwasekuqaleni na? Kusukela esikhathini okwenzeka ngaso, ngangikhona.” Manje uSimakade uNkulunkulu ungithumile, kanye noMoya wakhe.


Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uSimakade ungibizile kwasesibelethweni, wangiqamba igama kwasesiswini sikamame.


Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi.


Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ