Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 40:9 - IsiZulu 2020

9 Khuphukela entabeni ephakemeyo, wena Ziyoni, ophethe izindaba ezinhle. Phakamisa izwi lakho ngamandla, Jerusalema ophethe izindaba ezinhle; liphakamise ungesabi, yisho emizini yakwaJuda, uthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 O Siyoni, oletha izindaba ezinhle, khuphuka intaba ende; Jerusalema, oletha izindaba ezinhle, phakamisa izwi lakho ngamandla; liphakamise, ungesabi; yisho emizini yakwaJuda ukuthi: ‘Nangu uNkulunkulu wenu!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 40:9
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhiya wema entabeni iZemarayimi ekwelezintaba kwa-Efrayimi, wathi: “Ake ungilalele Jerobhowamu no-Israyeli wonkana.


Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Kuyothiwa ngalolo lusuku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simlindele, futhi uyakusisindisa, sisinde. Masijabule, sithokoze ngensindiso yakhe.”


Luzokhahlela kakhulu luthokoze, lujabule, lugide. Inkazimulo yeLebhanoni izobuyiselwa kulo nobukhosi beKharimeli nobeSharoni. Bayakubona inkazimulo kaSimakade, ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Mina ngingowokuqala okumemezele eZiyoni, nganika iJerusalema isithunywa sezindaba ezinhle.


yiMina ofeza izwi lezinceku zakhe, enze konke okubikezelwa yizithunywa zakhe, akhulume ngeJerusalema, athi: ‘Liyohlalwa,’ nangemizi yakwaJuda, athi ngayo: ‘Izokwakhiwa,’ nencithakalo, athi ngayo: ‘Ngiyoyivusa.’


“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.


Ngakho-ke, abantu bami bayolazi igama lami; ngalolo lusuku bayoqonda ukuthi yimi othi: bhekani, ngilapha.”


Niyabona-ke, nizilela ukuphikisana, nokulwa, nokushaya ngenqindi yenkohlakalo. Lokhu kuzila enikwenza namuhla akwenzi ukuba izwi lenu lizwakale ezindaweni eziphakemeyo.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


“Khuphukela eLebhanoni, ukhihle isililo; phakamisa izwi lakho eBhashani, ukhale use-Abharimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.


Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.


Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.


Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami.


Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu,


Manje, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi,


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki.


Lapho uJothamu etshelwa ngalokho, wahamba wayoma esicongweni sentaba iGerizimu, wakhala, wamemeza kakhulu, wathi kuzo: “Ngilaleleni, nina zakhamuzi zaseShekhemi, ukuze uNkulunkulu anilalele nani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ