Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 4:5 - IsiZulu 2020

5 USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi uJehova uyodala phezu kwayo yonke indawo yokuhlala yeNtaba iZiyoni naphezu kwamabandla ayo ifu nomusi emini nokukhanya komlilo ovuthayo ebusuku, ngoba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyoba khona indawo yokucasha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 4:5
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”


Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokubakhanyisela ebusuku.


Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.


Emini wabahola ngefu, ubusuku bonke, ngokukhanya komlilo.


Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi.


Inkazimulo kaSimakade yahlala entabeni iSinayi, ifu layisibekela intaba izinsuku eziyisithupha; kwathi ngosuku lwesikhombisa uSimakade esefini, wambiza uMose.


“Uyokwenza ithabanakeli ngamakhethini alishumi enziwe ngelineni elicolekileyo lemicu ephothwe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, nokubomvu. Ingcweti iwahlobise ngamakherubhi.


“Uyokwenza amakhethini ngoboya bezimbuzi, abe yithende phezu kwethabanakeli, uyokwenza amakhethini ayi-11.


Abantu bami bayakuhlala emathendeni okuthula, asezindlini eziphephileyo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.


Bheka, iZiyoni umuzi wemikhosi yethu emisiweyo. Amehlo akho ayakubona iJerusalema, indlu yokuthula, ithende elingenakususwa, okungekho muntu ongabhongcula izikhonkwane zalo, nezintambo zalo akuyukugqashulwa nanini.


“Ngiyakuwuvikela lo muzi ngiwusindise ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.”


Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”


“Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kufikile; nenkazimulo kaSimakade iphumele phezu kwakho.


Ngokuba ubumnyama buyakusibekela umhlaba, nesigayegaye abantu, kodwa uSimakade uyakuphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyobonakala phezu kwakho.


“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ