Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 4:2 - IsiZulu 2020

2 Ngalolo lusuku ihlumela likaSimakade liyoba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyoba nodumo nobuhle ensalini ephunyukileyo yakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngalolo suku inkatho kaJehova iyakuba yinhle nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba yinhle, zithandeke kwabaphunyukileyo kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 4:2
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlaba uthele izithelo zawo, uNkulunkulu wethu usibusisile.


Makube khona inala yokudla ezweni, esiqongweni sezintaba, ukudla kwalo kuyohashazela njengeLebhanoni, abemizi bayokhahlela njengotshani bomhlaba.


Uyakumthungela u-Aroni umfowenu izingubo ezingcwele, ezinhle nezokuzihlobisa.


Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


Ngalolo lusuku, ezweni lakwaJuda kuyohlatshelelwa lesi sihlabelelo esithi: Sinomuzi oqinileyo, usimisela insindiso ibe yizingange nezindunduma.


Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila, u-Israyeli aqhakaze, akhahlele, athele izithelo, agcwalise umhlaba wonke.


Uyonisa imvula embewini yenu eniyihlwanyela emhlabathini, aninike umhlabathi ovundileyo, uthele kakhulu, ube nokudla okuningi. Ngalolo lusuku imfuyo yenu iyoklaba emadlelweni abanzi.


“Consani mazulu phezulu, amafu athulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; Mina Simakade ngikudalile.


Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.


“Nakuba bewushiyiwe, uzondwa, kungasekho muntu odabula kuwe; ngiyakukwenza ube yisivunulo saphakade, nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.


Bonke abantu bakho bayakuba ngabalungileyo, badle ifa lezwe kuze kube phakade; igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


Njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengokuba insimu ihlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uSimakade iyokuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakumvusela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ubulungiswa nokulunga ezweni.


“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ubulungiswa nokulunga emhlabeni.


Akuyukuphunyuka namunye, akuyukusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyukubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.”


Abayakuphunyuka enkembeni bayakubuya eGibhithe, babuyele ezweni lakwaJuda, beyingcosana. Yonke insali yakwaJuda eye eGibhithe ukuba igogobale khona iyokwazi ukuthi ngelikabani izwi eliyakuma, elami noma elayo.


Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayukususwa yindlala ezweni, azisayukulithwala ihlazo labezizwe.


“ ‘ “Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuhluma amagatsha, nithelele abantu bami izithelo, ngokuba sekuseduze ukuba babuye.


Abasindileyo kubo bayakuphunyuka, batholakale ezintabeni njengamajuba asezigodini, bonke belila, yilowo nalowo ngezono zakhe.


Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”


“Kuyothi ngalolo lusuku izintaba ziconse iwayini elimnandi, amagquma agobhoze ubisi, imihosha yonke yakwaJuda igeleze amanzi. Kuyakuqhuma umthombo endlini kaSimakade oyakunisela isigodi iShithimi.


Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa, iyakuba yindawo engcwele, nabendlu yakwaJakobe bayakudla ifa lababaphangileyo.


“ ‘Ake ulalele, Joshuwa, mphristi omkhulu, wena nobambisene nabo abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: niyabona-ke, sengizakuletha inceku yami, uHlumela.


Uyakuthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo nguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaSimakade.


Laze labusiseka bo! Yeka ubuhle balo! Okusanhlamvu newayini kuyokwenza izinsizwa nezintombi babe yimiqemane.


USimakade Wamabandla uthi: “Bayakuba ngabami, ngosuku engiyakwenza ngalo ifa lami, ngiyakubazwela, njengomuntu ezwela indodana yakhe emsebenzelayo.


Ukuba lezo zinsuku bezingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo ziyakufinyezwa.”


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ