Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 4:1 - IsiZulu 2020

1 Ngalolo lusuku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bathi kuyo: “Sizozondla thina, sizembathise ngokwethu, kuphela nje masibizwe ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: “Siyakudla isinkwa sethu, sembathe izingubo zethu. Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda eyodwa, bathi: ‘Siyakudla esethu isinkwa, sembathe ezethu izingubo; masibize igama lakho kuphela, ususe ihlazo lethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 4:1
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakhulelwa, wazala indodana wathi: “UNkulunkulu ulisusile ihlazo lami.”


UMikhali, indodakazi kaSawule, akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.


Kuyothi ngalolo lusuku, insali yabakwa-Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe, bangabe besathembela kulowo obashayileyo, kodwa bayokwethemba ngeqiniso uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


Ngiyokwenza umuntu abe yigugu kunegolide elicwengekileyo; yebo, umuntu muhle kunegolide elicwengekileyo lase-Ofiri.


Ngalolo lusuku abantu bayomfuna uMdali wabo, amehlo abo agqolozele oNgcwele ka-Israyeli.


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.


Umuntu uyobamba umfowabo abavela ndlini yinye kayise, athi: “Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho.”


“Ungesabi, ngokuba awuyukujabha; ungapheli amandla, ngokuba awuyukuthelwa ngehlazo; uyakukhohlwa yihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.


Abafelokazi babo baningi kimi kunesihlabathi solwandle; ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umbhubhisi emini kwabha, ngehlisele phezu kwakhe ngokushesha, ukwesaba nengebhe.


“INkosi yenze kanje kimina emihleni engibheke ngayo ngomusa ukuba ilisuse ihlazo lami phakathi kwabantu.”


Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.


Kulabo abanjalo, siyabayala, futhi siyabakhuthaza eNkosini uJesu Khristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa.


Isitha sakhe sasimchukuluza ukuze simthukuthelise, ngokuba uSimakade wayesivalile isibeletho sakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ