Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 32:9 - IsiZulu 2020

9 Vukani nina besifazane abanethezekileyo, yizwani izwi lami, nibeke indlebe kwengikushoyo, nina madodakazi azethembayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Vukani nina besifazane abazinzileyo, nizwe izwi lami; nina madodakazi azethembayo nibeke indlebe ekukhulumeni kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Vukani nina besifazane abaduduzayo; yizwani izwi lami, madodakazi angenandaba! lalelani inkulumo yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 32:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lalelani, nizwe izwi, bekani indlebe, nilalele inkulumo yami.


USimakade wathi: “Ngenxa yokuziphakamisa kwamadodakazi aseZiyoni, ahamba elule izintamo, ecwayizisa amehlo, eshayela phezulu, ekhencezisa amadavathi ezinyawo zawo;


Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.


Labo abebekade bedla okumnandi, sebeyimizulane emigwaqweni. Labo ababekhuliswe ngokububende, manje sebelala ezaleni.


Lapho uJothamu etshelwa ngalokho, wahamba wayoma esicongweni sentaba iGerizimu, wakhala, wamemeza kakhulu, wathi kuzo: “Ngilaleleni, nina zakhamuzi zaseShekhemi, ukuze uNkulunkulu anilalele nani.


Owesifazane ontekenteke, ozwelayo phakathi kwenu, othambe ngendlela yokuthi akakaze azame ngisho ukubeka amathe onyawo lwakhe emhlabathini, ngenxa yokuthamba nokutetema, uyakuyikluluza indoda yakhe ayithandayo, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe,


Umphefumulo wethu sewudinwe kakhulu ngukweyiswa kwabaziqhenyayo nokwedelela kwabazidlayo.


Yizwani izwi likaSimakade nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi eliphuma emlonyeni wakhe, nifundise amadodakazi enu iculo lesililo, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe ukukhihla isililo.


Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ