Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 32:2 - IsiZulu 2020

2 Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Umuntu uyakuba njengendawo yokukhosela emoyeni nesivikelo esivunguvungwini; njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 32:2
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngihlenge ezitheni zami, Simakade, ngicashe kuwe.


Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela


Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.


Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


“Lulekanani, nithathe isinqumo, umphefumulo wabo ube njengobusuku phakathi kwemini, nibhacise abaxoshiweyo, ningabadaluli ababalekileyo.


Ngokuba ube yinqaba kwabampofu, inqaba kwabantulayo ekuxakekeni kwabo, umpheme esivunguvungwini nomthunzi ekushiseni, lapho umoya wabanonya unjengesivunguvungu ebusika,


Ubulungiswa ngizobenza umucu wokukala, ukulunga kube ngumthofu wokuqondisa, isichotho siyophephetha inqaba yamanga, amanzi akhukhule umpheme.


Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho, nemithombo phakathi kwezigodi; ngiyalenza ihlane libe yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.


Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi.


Izilwane zasendle: izimpisi nezintshe kuzongidumisa, ngokuba ngiveze amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi, ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo,


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.


“ ‘Bheka, ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho ngiyakufeza izwi elihle engilisho kuyo indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda.


Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha ngosuku lomkhosi lokugcina, uJesu wasukuma wamemeza, wathi: “Uma kukhona owomileyo, makeze kimi, aphuze.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila, ucwebezelisa okwekhristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ