Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 3:9 - IsiZulu 2020

9 Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ubuso babo bufakaza ngokumelene nabo; futhi bamemezela isono sabo njengeSodoma, abasifihli. Maye emphefumulweni wabo! ngoba baziphindiselela okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 3:9
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Ngakusasa indodakazi endala yathi kwencane: “Ngilalile nobaba izolo. Asimphuzise iwayini nanamhlanje bese wena ungena ulale naye, siphembe uzalo ngaye.”


kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni.


UJehu waya eJizreyeli, uJezebheli wezwa ngalokho, wayesegqaba amehlo akhe, wazihlobisa ikhanda, walunguza ngefasitela.


Isikhohlakali siyazigqaja, asifuni ukubuyela kuwe, ngisho nje ukuba sicabange ngawe.


Owenqaba ukuyalwa uzedelela yena, kepha olalela ukusolwa uzuza ulwazi.


Kunesizukulwane esiziqhenya kakhulu, futhi singamaqhalaqhala.


Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Lalelani izwi likaSimakade, nina babusi baseSodoma. Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora.


USimakade wathi: “Ngenxa yokuziphakamisa kwamadodakazi aseZiyoni, ahamba elule izintamo, ecwayizisa amehlo, eshayela phezulu, ekhencezisa amadavathi ezinyawo zawo;


Ababi banjengolwandle olugubhayo, olungakwazi ukuthula, olumanzi alo akhipha udaka nobishi.


Ngokuba iziphambeko zethu ziningi phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nobubi bethu siyabazi:


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.


Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.


Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye, kithi, ngokuba sonile!


“ ‘ “Maye, ubuthakathaka benhliziyo yakho, ngokuba wenza konke lokhu okwenziwe yisifebe esingakwazi ukuzithiba!” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘ “Nakhu okwakungukona kukadadewenu uSodoma: ukuzikhukhumeza, ukuba yisiminzi, nokunethezeka namadodakazi akhe; kodwa ababasizanga abampofu nabantulayo.


Kwathi nje lapho ewabona, wawakhanuka, wathumela kuwo izithunywa eKhaledi.


Ngafuna ukwazi kabanzi nangezimpondo ezilishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuzigqaja, olwalubukeka lulukhulu kunezinye.


Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.


Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza phambi kwakhe, u-Israyeli no-Efrayimi bayakukhutshwa yizenzo zabo ezimbi, noJuda uyakhutshwa kanye nabo.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.


Izidumbu zabo ziyakudindiliza emigwaqweni yomuzi omkhulu okuthiwa ngokomoya iSodoma neGibhithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.


USamuweli wayesethi: “Mletheni kimi u-Agagi, inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi wafika kuye eboshiwe. U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa usudlulile.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ