Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 3:8 - IsiZulu 2020

8 IJerusalema likhubekile, noJuda uwile, ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade, kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba iJerusalema libhuqiwe, noJuda uwile, ngokuba ulimi lwabo nezenzo zabo zimelene noJehova ukuba bacunule amehlo enkazimulo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 3:8
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

NamaFilisti ayefikile ahlasela imizi yasehlanzeni neNegevu kwelakwaJuda, adla iBhethi Shemeshi, i-Ajaloni, iGederothi, iSoko nemizana yalo; ahlala khona.


USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele.


Omba umgodi uyakuphonseka kuwo, nogingqa itshe liyakubuya ligaye yena.


Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.


“Izindawo zakho ezichithekileyo neziyize, nezwe lakho eliqothuliweyo kuyakuminyana ngabakhileyo kukho, nabakugwinyileyo bayakuba kude.


Nihlekisa ngobani, nikhamisela bani umlomo, nivezela bani ulimi ngaphandle na? Anisibo yini abantwana besiphambeko, inzalo yamanga;


Izandla zenu zingcoliswe yigazi, neminwe yenu, yinkohlakalo; izindebe zemilomo yenu zikhulume amanga, nezilimi zenu zinyenyeza okubi.


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


Ngalokho-ke iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayinasihawu ezintandaneni nakubafelokazi bakhona. Ngokuba yilowo nalowo kubo engenabuNkulunkulu, abenzi bokubi, bonke bakhuluma ubuwula ngemilomo yabo; kukho konke lokhu intukuthelo kaSimakade ayibohli, nesandla sakhe sisashaya.


Kepha maningaqhubeki, nithi: ‘Umthwalo kaSimakade,’ ngokuba oyoqhubeka asho njalo, umthwalo kuyoba ngowakhe, ngoba uyobe ephendulele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wethu.


“UMikha waseMoreshethi waphrofetha ezinsukwini zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “ ‘IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye, kithi, ngokuba sichithiwe!


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’


Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza phambi kwakhe, u-Israyeli no-Efrayimi bayakukhutshwa yizenzo zabo ezimbi, noJuda uyakhutshwa kanye nabo.


Babuya, kodwa hhayi koPhezukonke, babanjengomnsalo oxegayo; abaholi babo bayakufa ngenkemba ngenxa yokugxibha kolimi lwabo. Bayakuba yinhlekisa eGibhithe.”


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


ukubehlulela bonke nokujezisa yonke imiphefumulo ngenxa yemisebenzi yokungamesabi uNkulunkulu, abayenze ngokungahloniphi, nangawo wonke amazwi anesihluku abawakhuluma ngaye; lezi yizoni ezimbi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ