Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 3:1 - IsiZulu 2020

1 Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla iyakususa eJerusalema nakwaJuda konke abaphila ngakho, konke ukudla namanzi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawoti iyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo, lonke uzime lwesinkwa nalo lonke uzime lwamanzi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngokuba bheka, uJehova, uJehova Sebawoti, ususa eJerusalema nakwaJuda isisekelo nodondolo, lonke udondolo lwesinkwa, nalo lonke udondolo lwamanzi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 3:1
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngosuku lwesishiyagalolunye yayibhokile indlala emzini, kwakungekho kudla kubantu bezwe.


Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla.


Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo.


Bayekeni abantu abamphefumulo usemakhaleni abo, ngokuba bayini nje nempela?


USimakade wathi: “Ngenxa yokuziphakamisa kwamadodakazi aseZiyoni, ahamba elule izintamo, ecwayizisa amehlo, eshayela phezulu, ekhencezisa amadavathi ezinyawo zawo;


Kepha uRabi Shake wathi: “Ngabe inkosi yami ayingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukusho lawa mazwi, nakulaba bantu abahlezi ogangeni ukuba badle indle yabo, baphuze umchamo wabo kanye nani na?”


Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.


isho kanje iNkosi yakho, uSimakade, uNkulunkulu wakho, Yona emela indaba yabantu bayo, ithi: “Bheka, ngiyisusile esandleni sakho indebe yokuntengezela; awuseyukubuye uphuze endebeni yolaka lwami.


Badla okungakwesokunene, basala belambile, badla okungakwesokhohlo, kabaze beneliswa; yilowo nalowo wadla inyama yengalo yakhe,


UZedekiya, inkosi, wayeseyala ukuba uJeremiya bambeke egcekeni labalindi, bamnika nsuku zonke iqebelengwane lesinkwa elivela emgwaqweni wababhakizinkwa, kwaze kwaphela sonke isinkwa emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni labalindi.


“Nkosi yami, nkosi, laba bantu benze okubi ngakho konke abakwenze kuJeremiya, umphrofethi, bamphonse emgodini; uzakufela lapho ngenxa yendlala, ngokuba akusekho kudla emzini.”


Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


Ngenyanga yesine, mhla ziyisishiyagalolunye kuleyo nyanga, kwabhoka indlala enkulu emzini, kwakungekho kudla kwabantu bezwe.


Amanzi ethu siwaphuza ngemali, izinkuni zethu sesizithola ngokuzithenga.


“Ndodana yomuntu, uma izwe lona kimi ngokwenza ukungethembeki, ngiyakwelula isandla sami ngimelane nalo, ngiqede umthombo walo wokudla, ngithumele indlala kulo, ngibulale abantu nezilwane okukulo.


Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.


“Mina nganilethela indlala kuyo yonke imizi yenu, nokuntula isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


“Kungani manje usukhala ubuqanduqandu na? Awunayo yini inkosi, noma useshabalele yini umeluleki wakho, ngoba usubanjwe yimihelo njengobelethayo na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ