Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 27:3 - IsiZulu 2020

3 “Mina Simakade ngingumlindi waso; njalo ngiyasichelela; ngisilinda ubusuku nemini, kungaze kube khona osonakalisayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mina Jehova ngingumlindi waso, ngiyakusinisela njalo; funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mina Jehova ngiyakulonda; ngizawunisela umzuzu wonke; ukuze kungabikho muntu owulimazayo, ngizowuqapha ubusuku nemini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 27:3
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni.


“Bhekani, ngenza isivumelwano phakathi kwami nani, nezizukulwane zenu,


Sengathi amazwi ami enginxusa ngawo phambi kukaSimakade angaba seduze noSimakade uNkulunkulu wethu imini nobusuku ukuba enzele inceku yakhe nabantu bakhe, u-Israyeli, ubulungiswa, njengokwezidingo zemihla ngemihla,


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyukuzanyazanyiswa, uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


Njengezinyoni ezindiza phezu kwamakhanda, kanjalo uSimakade Wamabandla uyolivikela iJerusalema, uyolivikela, alisindise, adlule phezu kwalo, alikhulule.”


“Mina Simakade ngikubize ngokulunga, ngiyokubamba ngesandla sakho, ngikulondoloze, ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu, nokukhanya kwabezizwe,


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;


Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


Khumbulani izinto zakuqala, zasemandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye, nginguNkulunkulu, akekho onjengami,


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakukuphendula ngesikhathi somusa, ngikusize ngosuku lokusindiswa; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe, nokubenza badle amafa achithekileyo.


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


USimakade uyokuhola njalo, anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho. Uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo engashi.


Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele emabeleni amakhosi; uyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune.


Mina Simakade ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu kuzo; Mina Simakade ngikhulumile.


Ngiyakuwufaka uMoya wami kini, bese niphila, nginibeke ezweni lakini; niyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngikhulumile, futhi ngiyakukwenza lokho,” ’ ” kusho uSimakade.


Izizwe ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngingcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele isiphakathi kwabo, kuze kube phakade.” ’ ”


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ