Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 24:3 - IsiZulu 2020

3 Umhlaba uyokuba yincithakalo, uphangwe impela, ngokuba uSimakade ulishilo leli lizwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Umhlaba uyakuba yize leze, uphangwe nokuphangwa, ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izwe liyakuchithwa ngokuphelele, libhujiswe, ngokuba uJehova ukhulumile leli zwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 24:3
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukuba ligcwaliseke izwi likaSimakade ngomlomo kaJeremiya, ukuze izwe laneliseke ngamasabatha alo. Ngazo zonke izikhathi, liyakuba yincithakalo liphumule kuze kuphele iminyaka engama-70.


inani lensali yabaciba ngemicibisholo, amaqhawe aseKhedari, iyoba yingcosana,” ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.


“Ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla. “Isikhonkwane esasibethelwe endaweni eqinileyo siyobhoncuka, sikhishwe, siyowa kuthi nomthwalo obukuso unqunywe,” kusho uSimakade.


Manje uSimakade usezowenza incithakalo umhlaba, ube yize, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo.


Njengoba kuyakuba njalo kubantu, kuyakuba njalo nakubaphristi; njengoba kuyakuba njalo nasesigqileni, kuyakuba njalo nakumniniso; njengoba kunjalo encekukazini, kuyakuba njalo nasenkosikazini; njengoba kunjalo kumthengi, kuyakuba njalo nakumthengisi; njengoba kunjalo kobolekisayo, kuyakuba njalo nakobolekayo; njengoba kunjalo kokweletisayo, kuyakuba njalo nakokweletayo.


Umhlaba womile, ubunile, izwe liyashabalala, liyaphela, abahloniphekile bomhlaba bayaphela.


Kodwa laba bangabantu abaphuciweyo baphangwa; bonke bacushwe emigodini, bafihlwa emajele; bangabokuphangwa, akekho obasindisayo, bayimpango, akekho nothi: “Buyisa.”


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


Yizwani, nibeke indlebe, ningaziqhenyi, ngokuba uSimakade ukhulumile.


ngakho-ke zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uSimakade, elithi: Isho kanje iNkosi uSimakade kuzo izintaba, emagqumeni, emifuleni, ezigodini, ezindaweni eziyincithakalo, emizini esisele dengwane, osekuyimpango nenhlekisa yezizwe eziseleyo ezizungeze gimbici,


Ngalolo lusuku bayakusho isaga ngani, bakhihle isililo, bethi: ‘Kuphelile, kuphele nya ngathi; isabelo sabantu bami sinikwe abanye abantu! Maye, usithathile kimi, amasimu ethu wawabela amahlubuka!’ ”


Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.


lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe.


USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ