Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 2:6 - IsiZulu 2020

6 Ubalahlile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngokuba isigcwele imikhuba yasempumalanga; sebengabalumbi njengamaFilisti, bamdibimunye nabantwana babezizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba ushiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti, bexhawulana nabantwana babezizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngakho ubalahlile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngoba bagcwele empumalanga, bangamadlozi njengamaFilisti, bajabulela abantwana bezizweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 2:6
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ahaziya waphuma ngefasitela lekamelo lakhe eliphezulu elaliseSamariya wawa, wagula. Wathumela izithunywa, wathi kuzo: “Hambani niyongihlolela kuBhali Zebhubhi, unkulunkulu wase-Ekhroni, ukuthi ngizolulama yini kulokhu kugula.”


USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


UMoya kaNkulunkulu wasibekela uZakhariya, indodana kaJehoyada, umphristi, wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu uthi: ‘Niyeqelani imiyalo kaSimakade, ukuze ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uSimakade, naye unishiyile.’ ”


Ngalezo zinsuku, ngabona abanye abaJuda abasebeganwe ngabesifazane base-Ashidodi, kwa-Amoni nakwaMowabi.


bazihlanganisa nabezizwe, bafunda ukugila imikhuba yabo.


uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.


Ndodana yami, uma ube yisibambiso somakhelwane wakho, naze naxhawulana nomfokazi;


Ungathokozi wena Filistiya namaphethelo, ngokuthi intonga ekushayileyo yephukile, ngokuba esiqwini senyoka kuyophuma ibululu, nenzalo yalo ibe yinkanyamba endizayo.


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni, ngokuba abezizwe bayazesaba.


“Ngiyishiyile indlu yami, ngalilahla ifa lami, nginikele ngothandiweyo womphefumulo wami, esandleni sezitha zakhe.


Usikhohlweleni isikhathi eside kangaka na? Usilahleleni izinsuku eziningi kangaka na?


“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


Ngiyakubhidliza imizi ezweni lakho, ngizicekele phansi zonke izinqaba zakho.


Ngiyakushabalalisa ukulumba okwenza ngezandla zakho, kungabe kusababikho ababhula kuwe.


Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaSimakade, ngijezise izikhulu namadodana enkosi, nabo bonke abembethe izingubo zabezizwe.


UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’


Kulungile, anqunywa ngenxa yokungakholwa, kodwa wena umi ngokukholwa. Ngakho-ke ungazikhukhumezi, kodwa yesaba.


AmaFilisti ababiza abaphristi nababhulayo, athi: “Sizokwenzenjani ngomphongolo kaSimakade na? Siboniseni; sizakuwubuyisela kanjani endaweni yawo na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ