Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 17:4 - IsiZulu 2020

4 “Ngalolo lusuku udumo lukaJakobe luyodanjiswa, kuphele ukukhuluphala emzimbeni wakhe, azace.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Kuyakuthi ngalolo suku udumo luka Jakobe lube buthakathaka, kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kuyakuthi ngalolo suku inkazimulo kaJakobe ibe ncane, amanoni enyama yakhe abe ncane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 17:4
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwaphinde kwenyuka emfuleni ezinye izinkomazi eziyisikhombisa, ezazibukeka kabi, zondile, zema eduze kwalezo ezazisosebeni lomfula.


UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela.


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaHosheya, inkosi yase-Asiriya, yalinqoba iSamariya, yathumba u-Israyeli, yamyisa e-Asiriya, yambeka eHala, eHabhori ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede.


Ngakho iNkosi uSimakade Wamabandla izothumela isifo esincunzayo phakathi kwamabutho akhe akhulupheleyo, iphembe umlilo ngaphansi kwenkazimulo yayo umlilo uvuthe.


Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?


Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.


Kuyobhidlika inqaba kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantu bakwa-Israyeli,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kuyokuba kanjalo emhlabeni phakathi kwezizwe. Kuyakuba njengomnqumo uvithikile, nanjengokukhothoza sekwedlule isikhathi sokuvuna amagilebhisi.


Emikhawulweni yomhlaba sizwa amahubo okudumisa, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kodwa mina ngithi: “Maye, kimina, ngokuba ngiyafa, ngiyafa!” Ngokuba abakhohlisi bakhohlisile, abakhohlisi bakhohlisile kakhulu.


uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.


INkosi ithumele izwi kwaJakobe, lehlela nakwa-Israyeli.


“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade kuzo, ithi: Mina ngiyakwehlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nalezo ezondileyo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Njengomelusi ekhulula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma ingxenye yendlebe, bayakukhululwa kanjalo abantu bakwa-Israyeli, abahlala eSamariya ezihlalweni ezinofonofo ezembozwe ngosilika.”


USimakade uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakushabalalisa bonke onkulunkulu bomhlaba. Bayakukhuleka kuye, kube yilowo nalowo esendaweni yakhe, kuzo zonke iziqhingi zezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ