Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 17:2 - IsiZulu 2020

2 Imizi e-Aroweri iyakushiywa ibe ngeyemihlambi; ibuthise khona, ingethuswa muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 eshiyiwe kuze kube phakade, neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona, ingesatshiswa muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Imizi yase-Aroweri iyihlane; ayoba ngeyezimvu ezibuthisayo, futhi akukho muntu oyoyethusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 17:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo; abaningi bayakuzincengela kuwe.


Ngokuba umuzi obiyelweyo usuyize, ikhaya lishiyiwe, lalahlwa, lanjengehlane; ithole seliklaba kulo, libuthise, lidle, liphundle amagatsha.


Izimvana ziyoklaba njengasemadlelweni azo, namazinyane adle encithakalweni yabacebileyo.


Kuyothi ngalolo lusuku, umuntu uyofuya isithole nezimvu ezimbili kuphela,


bese kuthi ngobuningi bobisi esilukhiqizayo idle izaqheqhe, ngokuba izaqheqhe noju kuyodliwa yibo bonke abasele ezweni.


Yima endleleni, uqaphele wena ohleli e-Aroweri, buza kobalekayo nakowesifazane ophunyukile, uthi: ‘Kwenzenjani na?’


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.


IRabha ngiyakulenza libe yidlelo lamakameli, abakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa izimvu, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Bayakulikhohlwa ihlazo labo, nakho konke ukungethembeki kwabo abakwenze kimi, lapho sebehleli ngokulondeka ezweni lakubo, kungekho muntu obesabisayo,


Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.


Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo, amadlangala abelusi, nezibaya zezimvu.


Abozalo lukaGadi bakha kabusha iDibhoni, ne-Athorithi, ne-Aroweri,


Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi, akubangabikho muzi owasehlulayo ngokuphakama; uSimakade uNkulunkulu wethu wayinikela yonke kithi.


“Leli lizwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini i-Arinoni, nengxenye yelezintaba kwaGileyadi, nemizi yalo, sakunika abakwaRubeni nabakwaGadi.


Indawo yabo yayisuka e-Aroweri ngasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nawo wonke amathafa ngaseMedeba,


indawo yabo kwawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nengxenye yezwe lakwa-Amoni kuya e-Aroweri, elingaphambi kweRaba,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ