Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 13:9 - IsiZulu 2020

9 Bheka, usuku lukaSimakade luyeza; luwusuku lolunya, nentukuthelo nolaka oluvuthayo, ukuchitha umhlaba, nokubhubhisa zonke izoni ezikuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bheka, usuku lukaJehova luyeza, lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka, ukuba lwenz'ize umhlaba, luchithe izoni zawo kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bheka, usuku lukaJehova luyeza, lunonya, lunolaka nolaka oluvuthayo, ukwenza izwe libe yihlane; futhi uyobhubhisa izoni zakhe kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 13:9
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Haleluya!


Kepha izikhohlakali ziyakunqunywa ezweni, nabangethembekile bayosishulwa kulo.


Lilani, ngokuba usuku lukaSimakade lusondele; luyofika njengencithakalo evela kuSomandla.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Ngokuba uSimakade unosuku lwempindiselo, unonyaka wempindiselo ngenxa yeZiyoni.


Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; unyaka wokuhlenga kwami usufikile.


“Labo abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube, nezinto ezinengekayo nezimpuku, bayophela kanyekanye,” kusho uSimakade.


Ngentukuthelo kaSimakade Wamabandla, izwe lashiswa; abantu bafana nenswani, badliwe ngumlilo, akwababikho ophephisa umakhelwane wakhe.


Anenyukelanga ezikhaleni, navala ugange lwendlu ka-Israyeli, ukuze nimelane nempi ngosuku lukaSimakade.” ’ ”


“ ‘Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaSimakade selusondele; luzokuba lusuku lwamafu nesikhathi senhlekelele kwabezizwe.


Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.


Bethani uphondo eZiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele, mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaSimakade, impela selusondele.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.


USimakade unguNkulunkulu onomhawu, nophindiselayo; uSimakade uyaphindisela, uthukuthele uyabila, ngolaka lwakhe uyaphindisela kwabamelene naye, Uzithukuthelela njalo izitha zakhe.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Kepha ngesikhukhula esiqongile uyakushabalalisa indawo yakhona, izitha zakhe azixoshele ebumnyameni.


Lolo lusuku, usuku lolaka, usuku lokuhlupheka nosizi, usuku lomonakalo nencithakalo, usuku lobumnyama nethunzi elibi, usuku lwamafu nesigayegaye,


Uyabona-ke, usuku lukaSimakade luyeza, lapho impango ethathwe kuwe iyakwehlukaniswa khona lapha kuwe.


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ngakho-ke kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo: ukufa, ukulila, nendlala, futhi liyakushiswa ngomlilo lingqongqe, ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ