Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 13:4 - IsiZulu 2020

4 Yizwani umsindo ezintabeni, inhlokomo kungathi ngeyabantu abaningi! Yizwani ukuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangana ndawonye! USimakade Wamabandla uqoqa impi yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Umsindo wesixuku ezintabeni kungathi ngowabantu abaningi! Umsindo wokuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangene! UJehova Sebawoti uyabutha impi yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Umsindo wesixuku ezintabeni, njengowesizwe esikhulu; isiyaluyalu semibuso yezizwe ibuthene; uJehova Sebawoti ubutha impi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 13:4
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Maye, ukuhlokoma kwezizwe eziningi, zihlokoma njengokuduma kolwandle; nomsindo wokuxokozela kwabezizwe, unjengokuhlokoma kwamanzi amaningi.


“Qoqanani nina nonke, nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezele lezi zinto na? USimakade uyamthanda, uyoyifeza intando yakhe eBhabhele, nengalo yakhe imelane namaKhaledi.


Uyophakamisela isizwe esikude ibhanela, asihlabele ikhwelo sisemajukujukwini omhlaba; yebo, siyakuza ngokushesha.


Ngalolo lusuku bayogwavuma phezu kwabo, njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, kuyobe kunesigayegaye sobumnyama, ukukhanya kuphenduke ubumnyama ngenxa yamafu.


‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakuziguqula izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBhabhele namaKhaledi anivimbezeleyo, angaphandle kogange, ngizozibuthela phakathi kulo muzi.


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.


Yizindimbane ngezindimbane esigodini sesinqumo, ngokuba usuku lukaSimakade selusondele esigodini sesinqumo.


“Ngakho-ke kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo: ukufa, ukulila, nendlala, futhi liyakushiswa ngomlilo lingqongqe, ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ