Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 13:3 - IsiZulu 2020

3 Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami. Ngiwabizile amaqhawe ami, abangabami abajabula ngokuziqhenya, ukuze babonise intukuthelo yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami, yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami, bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngibayalile abangcwele bami, futhi ngibizile abanamandla bami ngenxa yentukuthelo yami, labo abajabula ngokuphakama kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 13:3
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.


Isandla sakhe uselulele phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso, uSimakade uyaleze ngeKhanani ukuba kudilizwe izinqaba zalo.


Uyophakamisela isizwe esikude ibhanela, asihlabele ikhwelo sisemajukujukwini omhlaba; yebo, siyakuza ngokushesha.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Izinhliziyo zenu mazingadangali, ningayesabi imibiko eniyizwa ezweni; lapho ngalo nyaka kufika umbiko othile, kuthi ngolandelayo kufike omunye umbiko; kube nobudlova ezweni, umbusi avukele umbusi.


“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.


Sheshani nize zizwe zonke ezindaweni zonke, nihlangane ndawonye. Simakade, yehlisela amaqhawe akho lapho.


Thula phambi kweNkosi uSimakade, ngokuba usuku lukaSimakade selusondele. Phela uSimakade usewulungisile umhlatshelo, usebangcwelisile abamenyiweyo bakhe.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ