Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 13:2 - IsiZulu 2020

2 Phakamisani ibhanela entabeni eluqhwathule, nimemeze, nibaqhwebe, ukuba bangene emasangweni abakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Misani ibhanela* entabeni elucwatha, nibaphakamisele izwi, nibaqhwebe ngezandla ukuba bangene emasangweni abakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Phakamisani ibhanela entabeni ende, niphakamisele izwi kubo, nibaxhawule, ukuze bangene emasangweni abakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 13:2
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abakwesabayo ubanike ifulegi ukuba baliphakamise ngenxa yeqiniso. Sela


Namuhla izokanisa eNobhi, izakuzivocavocela intaba yendodakazi yaseZiyoni negquma eJerusalema, isibhakela sayo.


Iyophakamisela abezizwe ibhanela, ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


USimakade uyoqalekisa itheku lolwandle leGibhithe, anyakazise isandla sakhe phezu komfula awuhwamukise ngekhoza lomoya wakhe, awushaye ube yimifudlana eyisikhombisa, ongayiwela uhamba ngezinyawo.


Nina nonke enakhile ezweni, nina nonke enihlezi emhlabeni, bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni, nilalele lapho kukhala icilongo.


Ngalolo lusuku abaseGibhithe bayofana nabesifazane, bathuthumele ngukwesaba, ngenxa yesandla sikaSimakade Wamabandla esimelene nabo.


Idwala lalo liyoshabalala ngenxa yovalo, izikhulu zakhona ziyoshiya ibhanela, ngenxa yokudangala,” kusho uSimakade omlilo wakhe useZiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.


Uyophakamisela isizwe esikude ibhanela, asihlabele ikhwelo sisemajukujukwini omhlaba; yebo, siyakuza ngokushesha.


“Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe, niphakamise ibhanela, nikumemezele lokhu ningakufihli, nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa, uBheli athelwe ngehlazo, uMerodakhi abhujiswe, izithombe zalo zithelwe ngehlazo, imifanekiso yalo ibhujiswe.’


“Bheka, kuqhamuka abantu enyakatho, isizwe esikhulu namakhosi amaningi, kuvuswe ekugcineni komhlaba.


Phakamisani ibhanela ngasogangeni eBhabhele, nengeze abaqaphi, nimise abalindi, nibeke abazolala unyendle, ngokuba uSimakade ukuhlosile, futhi uyakukwenza lokho akhuluma ngakho kwabakhileyo eBhabhele.


“Bheka, ngimelene nawe ntaba ebhubhisayo,” kusho uSimakade, “wena obhubhisa umhlaba wonke; ngiyakwelula isandla sami ngikushaye, ngikugingqagingqe emadwaleni, ngikuphendule intaba eshisiweyo.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ugange olubanzi lwaseBhabhele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa, amasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo. Abantu bakhandlekela ize, nomshikashika wezizwe uzophelela emlilweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ