Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 11:4 - IsiZulu 2020

4 Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa ngobulungisa iyokwahlulela abampofu futhi isole abathobekileyo bomhlaba ngobuqotho; futhi uyoshaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, futhi ngomoya wezindebe zakhe uyobulala ababi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 11:4
50 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wabusa wonke u-Israyeli, wenzela bonke abantu bakhe ubulungiswa nokulungileyo.


Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.


Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha, ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala.


USimakade eseZiyoni uyakuyelula intonga yamandla akho, Wena busa phakathi kwezitha zakho.


Ukhafula intuthu ngamakhala akhe, kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, akhafule amalahle avuthayo.


Uyakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphihlize njengokhamba lombumbi.”


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi.


Umhlaba ngiyokuwujezisela iziphambeko zawo, nezikhohlakali, izono zazo, ngiyoqeda ukuzidla kwabaphakameyo, ngikuqede ukwedelela kwabacindezeli.


Amazibulo abampofu ayodla, abantulayo balale belondekile; kodwa ngiyobulala impande yakho ngendlala, ngibhubhise nensali yakho.


kumiswe isihlalo sobukhosi ngomusa, ethendeni likaDavide, kuhlale kuso ngokwethembeka umehluleli oyofuna ubulungiswa, asheshe ukwenza okulungileyo.


Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.


Unyathelwe ngonyawo, yizinyawo zabampofu, ugxotshwe nangabantulayo.


Abathobekileyo bayofumana kabusha intokozo kuSimakade, nabantulayo phakathi kwabantu bayojabulela oNgcwele ka-Israyeli.


USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.


ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo, oze ufinyelele ezinkwazini, ukuzohlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa. Itomu elidukisayo liyoba semihlathini yezizwe.


Ngokuba ngezwi likaSimakade, i-Asiriya liyothuthumela lapho elishaya ngenduku.


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Kuyoba khona inkosi eyobusa ngokulunga, nezikhulu zibuse ngobulungiswa.


Izikhali zomkhohlisi zimbi, uhlela amacebo amabi, ukuze abhubhise abampofu ngamazwi angamanga, ngisho nalapho ontulayo ekhuluma okulungileyo.


Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.


Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha. Impela abantu bangutshani.


Wawenza umlomo wami wanjengenkemba ebukhali, wangithukusa ethunzini lesandla sakhe, wangenza umcibisholo omenyezelayo, wangithukusa emgodleni wakhe.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ubulungiswa nokulunga emhlabeni.


Bakhuluphele, bayacwebezela, yebo, ububi babo abunamkhawulo, abehluleli ngokulunga, abazimeli izintandane ukuba nazo ziphumelele, abawalweli amalungelo abampofu.


Ngakho-ke ngibaqobaqoba babe zicubu ngabaphrofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwehlulela kwami kuphume njengokukhanya.


Funani uSimakade nina nonke enithobekileyo bomhlaba, nina enenze izehlulelo zakhe, funani ukulunga, nifune ukuthobeka, mhlawumbe niyakukhoseliswa ngosuku lolaka lukaSimakade.


Uyophendula izinhliziyo zoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise; funa ngifike ngishaye izwe ngiliqothule.”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


USawula esabhodla umlilo, esongela ukubulala abafundi beNkosi, waya kumphristi omkhulu,


Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi.


ubumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho ongamelana nalezi zinto.


Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.


bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu.


Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha.


Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha.


Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.


Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.


Ngakho-ke phendukani, uma kungenjalo, ngizoza kini ngokuphazima kweso, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ