Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 11:3 - IsiZulu 2020

3 Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uSimakade; akayukwehlulela ngokubona kwamehlo akhe, noma anqume ngakuzwe ngosizwile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 uyakumenza abe nomqondo osheshayo ekumesabeni uJehova; futhi ngeke ahlulele ngokubona kwamehlo akhe, noma ukusola ngokuzwa kwezindlebe zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 11:3
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ukuba ilalele okuhle nokubi; uSimakade uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Inkosi yayisithi kowesifazane: “Phindela endlini yakho; ngizothumela umyalezo mayelana nawe.”


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”


Indlebe ayiwahloli yini amazwi, nolwanga alukunambithi yini ukudla na?


Ngokuba indlebe iyawahlunga amazwi, njengalokhu ulwanga lunambitha ukudla.


khona uyakuqonda ukuthi kuyini ukumesaba uSimakade, uthole ulwazi ngoNkulunkulu.


khona uyoqonda ukulunga, nokwehlulela neqiniso, nezindlela zonke ezinhle.


Uyoba ngukuzinza esikhathini senu, abe ngukuphelela kokusindiswa, ukuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uSimakade kuyakuba yingcebo yakhe.


Lesi siqinti sendawo siyakuba yifa laso ezweni lakwa-Israyeli, izikhulu zami azisayukubacindezela abantu bami, kodwa indlu yakwa-Israyeli ziyakuyinika ngangomumo wezizwe zayo.


Uyakwehlulela izizwe eziningi, akhiphe isinqumo ezizweni ezinamandla ezikude. Ziyakucangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, imikhonto yazo ibe yiziphundli. Isizwe asisayukuhlasela esinye isizwe ngenkemba, futhi azisayukuqeqeshelwa ukulwa.


UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.


Wayengadingi futhi ukuba atshelwe ngomuntu, lokhu wayekwazi okungaphakathi kumuntu.


Ningehluleli ngokubuka ngamehlo, kodwa yehlulelani ngokwehlulela okulungileyo.”


Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ