Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 10:4 - IsiZulu 2020

4 Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 10:4
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

muzi ogcwele ukumemeza, muzi oxokozelayo, nomuzi othokozayo na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, futhi abafelanga empini.


Bayohlanganiswa ndawonye, njengeziboshwa ziqoqelwa emgodini, bayovalelwa ejele, kuthi emva kwezinsuku eziningi, bajeziswe.


Ababuleweyo bazo bayakulahlwa ngaphandle, kwenyuke ukunuka kwezidumbu zabo, kuncibilike izintaba ngenxa yegazi labo.


Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade yasivuthela isizwe sakhe, welula isandla sakhe wasishaya. Izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibohli, isandla sakhe silokhu sishayile.


Ngokuba ngomlilo nangenkemba, uSimakade uyokwehlulela bonke abantu, bayoba baningi abayobulawa nguSimakade.


USimakade ubavusele izitha zivela kuRezini, ukuze zimelane nabo. Wazigqugquzela izitha zabo,


ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.


Labo abahola laba bantu bayabadukisa, nalabo abaholwayo badidekile.


Ngalokho-ke iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayinasihawu ezintandaneni nakubafelokazi bakhona. Ngokuba yilowo nalowo kubo engenabuNkulunkulu, abenzi bokubi, bonke bakhuluma ubuwula ngemilomo yabo; kukho konke lokhu intukuthelo kaSimakade ayibohli, nesandla sakhe sisashaya.


Badla okungakwesokunene, basala belambile, badla okungakwesokhohlo, kabaze beneliswa; yilowo nalowo wadla inyama yengalo yakhe,


uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Sizoya kuphi na?’ Uyobatshela uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Abanqunyelwe ukufa, bayokufa; abanqunyelwe inkemba, inkemba; nabendlala, indlala; nabokuthunjwa, ukuthunjwa.’


Noma beningayibhubhisa yonke impi yamaKhaledi alwa nani, kusale kuphela izinkubela kubo, zona beziyakuvuka, kube yileyo naleyo ethendeni layo, ziwushise ngomlilo lo muzi.”


Ngalokho bhincani indwangu eyisaka, nikhale, nilile, ngokuba intukuthelo kaSimakade evuthayo ayikasuki kithi.


Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ