Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 10:3 - IsiZulu 2020

3 Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Niyakwenzani ngosuku lokuhanjelwa nasekubhujisweni okuvela kude na? niyakubalekela kubani nifuna usizo na? futhi uyoyishiyaphi inkazimulo yakho?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 10:3
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”


Bawalandela baze bayofika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama-Aramu ayezilahlile lapho ebaleka. Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi.


ngiyokwenzenjani lapho uNkulunkulu esukuma na? Lapho engiphenya, ngiyophendula ngithini na?


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


Lilani, ngokuba usuku lukaSimakade lusondele; luyofika njengencithakalo evela kuSomandla.


“Ngalolo lusuku udumo lukaJakobe luyodanjiswa, kuphele ukukhuluphala emzimbeni wakhe, azace.


Ngalolo lusuku izakhamuzi zasogwini ziyothi: ‘Bheka ukuthi kwenzekeni kulabo ebesethembele kubo, nalabo ebesibalekela kubo ukuyocela usizo nokukhululwa enkosini yase-Asiriya. Pho thina-ke, siyophunyuka kanjani na?’ ”


Abafileyo abasaphili, imimoya yabo ayiyukuvuka; yingakho-ke wabajezisa, wababhubhisa, wenza ukuba bangabe besakhunjulwa.


Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.


Ngokuba umbhede uyokuba mfishane ukuba umuntu azelule kuwo, nengubo ibe ncane ukuba ayembathe.


USimakade Wamabandla uyokuhambela ngokushesha nangokuduma, nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho nangelangabi lomlilo oqothulayo.


Kodwa nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngakho niyakubaleka: ‘Siyakubaleka sigibele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


bonke bayodumala ngenxa yabantu abangenakubasiza abangalethi nsizakalo nanzuzo, kunalokho bengamahloni nehlazo kuphela.”


Ngokuba usizo lweGibhithe luyize, futhi alunto yalutho, yingakho ngilibiza ngoRahabi ohleze ethule.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Kwase kufika umphrofethi u-Izaya kuHezekiya, inkosi, wathi kuye: “Bebethini laba bantu; baphumaphi njengoba beze kuwe na?”


Ngalokho indawo yabafileyo inwebe umphimbo wayo, yakhamisa umlomo ngokungenamkhawulo; abahloniphekileyo, nesixuku esixokozelayo, nabajabulayo phakathi kwabo, behlela kuyo.


Uyophakamisela isizwe esikude ibhanela, asihlabele ikhwelo sisemajukujukwini omhlaba; yebo, siyakuza ngokushesha.


Ngizakumisa ababhubhisi abazomelana nawe; yilowo nalowo nesikhali sakhe; bayakugawula imisedari yakho yekhethelo, bayiphonse emlilweni.


Wena ochithiweyo, wenzani ngokuvunula ngokubomvu nangemvunulo yegolide, nokugqaba amashiya akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze na? Izithandwa zakho ziyakwedelela, zifuna ukukubulala.


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


Angizukubajezisa yini ngalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esinjengalesi na?”


“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe noJuda ebona isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi, kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa, iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.


Niyokwenzenjani ngosuku lwedili, nangosuku lomkhosi kaSimakade na?


Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.


Kunjengokuba ethi umuntu ubalekela ibhubesi, ahlangane nebhele, athi uya endlini ancike ngesandla odongeni, alunywe yinyoka.


Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ