Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 1:7 - IsiZulu 2020

7 Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Izwe lakini liyihlane, imizi yenu ishisiwe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu, kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izwe lakini liyincithakalo, imizi yenu ishisiwe ngomlilo; izwe lenu abafokazi bayalidla phambi kwenu, liyincithakalo njengokuchithwa kwabafokazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 1:7
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Babuye bancipha, bathotshiswa ngokucindezelwa, ngezinkathazo nangosizi.


Umtshelekisi makakubambe konke anakho, abafokazi baphange izithelo zomsebenzi wakhe.


Indodakazi yaseZiyoni isele njengedlangala esivinini, njengexhokovana ensimini kakhukhamba, nanjengomuzi ovinjezelweyo.


IJerusalema likhubekile, noJuda uwile, ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade, kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.


Imifudlana iyophenduka ikolitayi, uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe lakhona libe yikolitayi elivuthayo.


“Izindawo zakho ezichithekileyo neziyize, nezwe lakho eliqothuliweyo kuyakuminyana ngabakhileyo kukho, nabakugwinyileyo bayakuba kude.


Izimvana ziyoklaba njengasemadlelweni azo, namazinyane adle encithakalweni yabacebileyo.


USimakade Wamabandla wathi ezindlebeni zami: “Impela iningi lezindlu liyokuba yincithakalo, izindlu ezinkulu nezinhle kungabi namuntu ohlala kuzo.


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


“Nakuba bewushiyiwe, uzondwa, kungasekho muntu odabula kuwe; ngiyakukwenza ube yisivunulo saphakade, nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.


USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayukuphinde nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho, kube ngukudla kwazo. Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo,


Imizi yakho engcwele isifana nehlane, iZiyoni seliphenduke ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


Ngokuba inkohlakalo ivutha njengomlilo, iqothula ameva namakhakhasi, yokhele ihlozi lehlathi, kwenyuka isikhatha sentuthu sibheke phezulu.


Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini, nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa, kudliwe ngumlilo.


Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhona iyincithakalo, akukho muntu owakhe kuyo.


Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.


Ngase ngithulula intukuthelo nolaka lwami, kwavutha emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, kwaphenduka incithakalo nembumbiso njengoba kunjalo nanamuhla.


Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”


Emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema ngiyakuwuthulisa umsindo wokujabula nowokuthokoza, nezwi lomyeni nelikamakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.’ ”


Ifa lethu seliphendulwe laba ngelabafokazi, izindlu zethu zaba ngezabezizwe.


ngakho-ke sengizokunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo. Bayakukanisa kuwe, bamise amathende abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze nobisi lwakho.


Ngiyakwenza imifula ishe, ngithengise ngezwe esandleni sababi; izwe nakho konke okukulo, ngilibhubhise ngesandla sabafokazi, ngokuba Mina Simakade sengikhulumile.”


Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Ngaleso sikhathi izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lisele liyincithakalo, nina niyobe nisezweni lezitha zenu ngaleso sikhathi; izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.


Ngiyakubhidliza imizi ezweni lakho, ngizicekele phansi zonke izinqaba zakho.


Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.


Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.


“Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla.


lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ