Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 1:5 - IsiZulu 2020

5 Nisazoshaywa kuphi futhi, lokhu nisaqhubeka nokuhlubuka na? Lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ningabe nisashaywa kuphi, nisaqhubeka ukwambuka, na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Usalokhu ushaywa ngani? niyakudlubulunda ngokwandayo; lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 1:5
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Ekungcoleni kwakho ngenxa yobufebe ngakuhlambulula, kodwa awuhlambulukanga ekungcoleni kwakho, ngeke uphinde uhlanzeke ngize ngilwanelise ulaka lwami, ngimelene nawe.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Nina bantu bakwa-Israyeli, buyelani kuye lona enimhlubuke kakhulu kangaka.


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


“Abantwana benu ngibashayele ize, abakwemukelanga ukuyalwa. Inkemba yenu idle abaphrofethi benu njengengonyama ebhubhisayo.


Amakhosi ethu, abaholi bethu, abaphristi nokhokho abawugcinanga umthetho wakho; abayinakanga imiyalelo yakho nalapho ubaxwayisa.


Ngizakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaSimakade nesimiso sikaNkulunkulu wabo,” nokho nabo balephulile ijoka ngokufanayo, bazigqabula izibopho.


Akukho sakhamuzi esiyothi: “Ngiyagula.” Abantu abahlala lapho bayothethelelwa iziphambeko zabo.


uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.


Abantu ababuyelanga kulowo obashayayo, abamfunanga uSimakade Wamabandla.


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Ngesikhathi sokuhlushwa kwakhe, inkosi u-Ahazi yaqhubeka yenza okubi kuSimakade.


Yabuye yathumela induna yesithathu yabangama-50 inama-50 ayo. Yakhuphuka leyo nduna yesithathu, yafike yaguqa phambi kuka-Eliya, yamncenga, yathi: “Muntu kaNkulunkulu ngiyakunxusa, ukuphila kwami nokwalezi zinceku zakho ezingama-50 makube yigugu emehlweni akho.


UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Wonke amadoda ayazi ukuthi omkawo bashisela impepho abanye onkulunkulu, kanye nabesifazane bonke ababemi lapho, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala eGibhithe, ePhathirosi; bamphendula uJeremiya, bathi:


Ngalokho-ke inhliziyo yethu idangele; ngenxa yalezo zinto, amehlo ethu afiphele.


Ezibuthakathaka aniziqinisi, egulayo aniyelaphi, elahlekileyo aniyicingi, kodwa niziphatha ngendlakadla.


“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ