Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 1:3 - IsiZulu 2020

3 Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo umkhombe lapho umniniyo eyiphakela khona, kodwa u-Israyeli akazi, abantu bami kabaqondi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Inkabi iyamazi umniniyo nembongolo umkhombe womnikaziyo; u-Israyeli akazi, isizwe sami asiqondi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo iyamazi umkhombe womnumzane wayo, kepha u-Israyeli akazi, abantu bami abalaleli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 1:3
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na?


Abantu ababi ababuqondi ubulungiswa, kodwa abafuna uSimakade, bakuqonda konke.


Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe;


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Ubonile izinto eziningi, kodwa awuqaphelanga; nezindlebe zakho zivulekile, kodwa awuzwanga.”


Kabazi, kabaqondi, ngokuba amehlo abo uwasilekile ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.


Emadilini abo kukhona ihabhu, ugubhu, isigubhu, igekle newayini, kodwa abayinaki imisebenzi kaSimakade; kabaziboni nezenzo zezandla zakhe.


Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Isizukulwane sikaJonadaba, indodana kaRekhabhi, siwugcinile umyalo kakhokho waso asiyala ngawo, kodwa laba bantu kabangilalelanga.’


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


Unogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo; ihobhe, ihhashi, inkonjane, nonohhemu, kuyazigcina izikhathi zokufika kwakho; kodwa abantu bami kabazazi izimiso zikaSimakade.


“ ‘ “Maye, ubuthakathaka benhliziyo yakho, ngokuba wenza konke lokhu okwenziwe yisifebe esingakwazi ukuzithiba!” kusho iNkosi uSimakade.


Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.


Yilowo nalowo ozwa izwi lombuso, angaliqondi, kufika omubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Leyo ngehlwanyelwe ngasendleleni.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


Ngokuba benza sengathi kufihlekile kubo ukuthi izulu lalikhona kwasemandulo, kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, kwadalwa ngezwi likaNkulunkulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ