Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Isaya 1:1 - IsiZulu 2020

1 Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Isaya 1:1
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngonyaka wama-27 wokubusa kukaJerobhowamu, inkosi ka-Israyeli, u-Azariya, indodana ka-Amaziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi kwaJuda.


UShalumi, indodana kaJabheshi, waba yinkosi ngonyaka wama-39 wokubusa kuka-Uziya, inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga yaba yinye vo, eSamariya.


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaPheka, indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu, indodana ka-Uziya, waba yinkosi yakwaJuda.


U-Azariya walaliswa kokhokho bakhe, bammbela kokhokho bakhe emzini kaDavide. UJothamu, indodana ka-Azariya, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kukaHosheya, indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uHezekiya, indodana ka-Ahazi, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.


Yathumela u-Eliyakimi owayengamele isigodlo, noShebhina, umbhali, namalunga wonke, begqoke indwangu eyisaka, baya ku-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose.


Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eli-16, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amaziya.


Ezinye izindaba zika-Uziya, ezakuqala nezakamuva, zilotshiwe ngu-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose.


UJothamu wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki.


U-Ahazi wayeneminyaka engama-20 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Akazange enze okuhle phambi kukaSimakade, njengoDavide ukhokho wakhe,


Okungcwelisiwe kwaba yizinkabi ezingama-600, nezimvu eziyizi-3 000.


Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.


Isiphrofetho ngeBhabhele asibona u-Izaya, indodana ka-Amozi.


Indaba eyabonwa ngu-Izaya, indodana ka-Amozi, maqondana noJuda neJerusalema.


Ngaleso sikhathi uSimakade wakhuluma ngesandla sika-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Hamba ukhumule indwangu eyisaka esokhalo lwakho, nezicathulo ezinyaweni zakho.” Wenza kanjalo, wahamba nqunu, engafake nazicathulo.


Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.


Yathumela u-Eliyakimi owayengamele isigodlo, noShebhina unobhala, namalunga abaphristi, bembethe izindwangu ezingamasaka, baya ku-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amozi.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wabangwa nezibi. Kwase kufika kuye umphrofethi u-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Lungisa izindaba zendlu yakho ngokuba uzokufa, ngeke uze usinde.’ ”


Khuphukela entabeni ephakemeyo, wena Ziyoni, ophethe izindaba ezinhle. Phakamisa izwi lakho ngamandla, Jerusalema ophethe izindaba ezinhle; liphakamise ungesabi, yisho emizini yakwaJuda, uthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”


Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Uziya, ngabona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo; umsila wengubo yakhe ugcwalise ithempeli.


Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade.


Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu.


Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.


Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo, nimemezele iminekelo yesihle, niqhoshe ngayo, ngokuba nithanda ukwenza kanjalo, bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.


Izwi likaSimakade lafika kuMikha waseMoreshethi ezinsukwini zokubusa kukaJothamu, u-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda liqondene neSamariya neJerusalema.


Isiphrofetho ngeNineve. Incwadi yombono kaNahumi wase-Elikoshi.


USimakade wangiphendula wathi: “Bhala phansi umbono, uwenze ucace ezibhebheni ukuze owufundayo asheshe nawo.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, nowazi ukwazi koPhezukonke, obone umbono ovela kuSomandla, ewele phansi kodwa amehlo akhe engemboziwe, uthi:


ukuphimisela kozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla owele phansi, kodwa amehlo akhe engamboziwe, uthi:


Sebehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningalokothi nitshele muntu ngalo mbono, ize ivuswe kwabafileyo, iNdodana yomuntu.”


Esamangele uPhethro ukuthi lo mbono awubonile ngabe uchaza ukuthini, amadoda ayethunywe nguKhorneliyu, ayesemi ngasesangweni, emva kokuba esebuzile ukuthi ngabe yiyo yini indlu kaSimoni.


“Ngalokho, nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini,


Kumele ukuba ngizigabise noma kungasizi ngalutho lokho, kodwa sengizakukhuluma ngemibono nezambulo zeNkosi.


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ