Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba siseyizigqila, uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kodwa usenzele ububele bakhe phambi kwamakhosi asePheresiya; asinika impilo entsha ukuze sakhe kabusha indlu kaNkulunkulu wethu, sakhe kabusha obekuyincithakalo, wasenzela ugange kwaJuda naseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba siyizigqila; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kepha usenzele isihawu emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ikhefu, simise indlu kaNkulunkulu wethu, sivuse incithakalo yayo, asinike ugange kwaJuda naseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngoba sasiyizigqili; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqilini bethu, kepha wasenzela umusa emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ukuvuselela, sakhe indlu kaNkulunkulu wethu, silungise amanxiwa ayo, sinikeze ugange kwaJuda, eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:9
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuthe ukuba bafike endlini kaSimakade eJerusalema, abanye bezinhloko zoyise banikela ngeminikelo yesihle ukuze kwakhiwe indlu kaSimakade esizeni sayo.


lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


Bafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwenkosi.


“Kepha manje, Nkulunkulu wethu, sesizothini ngalokhu na? Phela siyilahlile imithetho yakho


Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.”


Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,


Makungabi bikho omenzela umusa, futhi kungabi bikho ohawukela izintandane zakhe.


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Kuyothi lapho uSimakade eseniphumuzile ebuhlungwini, enhluphekweni, nasemsebenzini onzima ababenenzisa wona,


Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle.


Ngakho-ke manginitshele engizokwenza esivinini sami: ngizosusa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngibhidlize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.


Bayokwakha kabusha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezazidiliziwe, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo esezibe yincithakalo izizukulwane ngezizukulwane.


“Ngakho-ke yisho, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nakuba ngibayise kude ezizweni, ngabahlakazela emazweni, nokho ngibe yindawo engcwele kubo okwesikhashana, lapho emazweni abaye kuwo.” ’ ”


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?” Kubuza uSimakade Wamabandla. “Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.


‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ