Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:8 - IsiZulu 2020

8 “Kepha manje uSimakade uNkulunkulu wethu usenzele umusa okwesikhashana, washiya insali, wasenza saba nesabelo endaweni yakhe engcwele ukuze akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu, asophule ebugqileni bethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Manje isihawu sikaJehova uNkulunkulu wethu senziwe ngokwesikhashana nje ukusishiyela insali ephunyukileyo, nokusinika isikhonkwane endlini yakhe engcwele, ukuze uNkulunkulu wethu akhanyisele amehlo ethu, asinike ukuvuselela endaweni yakhe engcwele ubugqila bethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:8
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mhlawumbe uSimakade uNkulunkulu wakho uwezwile wonke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yakhe, inkosi yase-Asiriya, ukuzokwedelela ngawo uNkulunkulu ophilayo. USimakade uNkulunkulu wakho athi angawezwa, awasole lawo mazwi, bese kuthi ngenxa yensali, awuzwe umkhuleko wakho.’ ”


Ngokuba siseyizigqila, uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kodwa usenzele ububele bakhe phambi kwamakhosi asePheresiya; asinika impilo entsha ukuze sakhe kabusha indlu kaNkulunkulu wethu, sakhe kabusha obekuyincithakalo, wasenzela ugange kwaJuda naseJerusalema.


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Nokho ngomusa wakho omkhulu, awubabhubhisanga, futhi awubalahlanga, ngokuba unguNkulunkulu onesihawu nomusa.


ukuze awubuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kokuphila.


Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami. Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa;


funa isitha sami, sithi: “Ngimehlule.” Nabamelene nami bajabule ngokuba nginqotshiwe.


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Ababheka kuye, baba nokukhanya. Ubuso babo abusoze bajabha.


Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na?


Ompofu nocindezelayo bayafana; nguSimakade owenza ukuba bobabili amehlo abo abone.


Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


Kuyothi lapho uSimakade eseniphumuzile ebuhlungwini, enhluphekweni, nasemsebenzini onzima ababenenzisa wona,


ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayukuphela.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo.


Akuyukuphunyuka namunye, akuyukusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyukubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.”


Kepha, kuyosala kulo insali ephunyukileyo; amadodana namadodakazi ayakukhishwa kulo, ayokuza kini, kuyothi lapho nibona ukuziphatha kwawo nemisebenzi yawo, niduduzeke, ngenxa yobubi engibenze behlela iJerusalema, nangenhlekelele engiyehlisele phezu kweJerusalema.’ ”


Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.


Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.


Kepha ngiyakushiya kuwe abantu abahluphekileyo nabampofu; bayakukhosela egameni likaSimakade.


Kuyena kuyakuvela itshe legumbi, kuvele isikhonkwane, kuvele umnsalo wempi, kuvele nababusi bonke ndawonye.


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Nakuba kuyakuba yisimangaliso lapho insali yalaba bantu izibonela ngawayo amehlo ngalezo zinsuku; ngabe kuyakuba yisimangaliso yini nakimi uma ngizibonela ngawami amehlo na?” kusho uSimakade Wamabandla.


U-Izaya wamemeza ngo-Israyeli, wathi: “Nakuba isibalo sabantu bakwa-Israyeli singangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona. Ngiyakuloba kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini livela kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


UJonathani wayengasizwanga isifungo uyise asenzisa abantu. Wayeselula isihloko senduku yakhe ayeyiphethe, wayicwilisa ojwini, walukhotha; ayeseqabuka amehlo akhe.


UJonathani wayesethi: “Ubaba ulihluphile izwe. Ake nibheke ukuthi amehlo ami aseqabuke kanjani ngenxa yokukhotha nje leli consana loju.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ