Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:5 - IsiZulu 2020

5 Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa, ngasukuma ekuzileni, izingubo zami nesembatho sami kuklebhukile, ngaguqa ngaphakamisela izandla zami kuSimakade uNkulunkulu wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi ngasukuma ngokumelene nomhlatshelo wakusihlwa ekucindezelekeni kwami; ngasengiklebhula ingubo yami nejazi lami, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:5
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


bese kuzwakala nanoma yimuphi umkhuleko, nanoma yikuphi ukunxusa, okuvela kunoma yimuphi umuntu, nakubo bonke abantu bakho, u-Israyeli, ngamunye azi inhlupheko yenhliziyo yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nokunxusa kuSimakade, wasuka phambi kwe-althare likaSimakade ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.


USolomoni wayakhe ibhesituli lethusi, walibeka phakathi negceke: ubude balo bungamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi bona bungamakhubhithi amathathu. Wema kulo, waguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli. Welulela izandla zakhe ngasezulwini,


Ngathi ukuba ngizwe lezo zindaba, ngahlala phansi, ngakhala, ngazila izinsuku eziningi, ngizile ukudla ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.


Izandla zami ngizelulela kuwe, umphefumulo wami womela Wena njengomhlaba owomileyo. Sela


Wozani sikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaSimakade, uMenzi wethu.


UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.


UMose waphuma emzini kaFaro, welulela izandla zakhe kuSimakade; kwase kunqamuka ukuduma, nesichotho, nemvula, lasa.


Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.


Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu agcwele.


Wayesesuka kubo ibanga elingangokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,


Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ