Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:4 - IsiZulu 2020

4 Kwase kubuthana bonke labo abathuthumela uma bezwa okwakushiwo nguNkulunkulu ka-Israyeli, ngenxa yokungethembi kwababebuye ekuthunjweni, bahlala nami kwaze kwaba yisikhathi somnikelo wakusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Base bebuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko somhambi; ngahlala ngimangele kwaze kwaba ngumnikelo wakusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:4
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade.


Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.


Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBhenjamini babuthana eJerusalema ezinsukwini ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwama-20 lwenyanga. Bonke abantu bahlala phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, beqhaqhazela ngenxa yobucayi balolu daba, nangenxa yemvula enkulu.


Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Iwundlu elilodwa uyolinikela ekuseni, kuthi elinye ulinikele kusihlwa.


Uyonikela ngelinye iwundlu kusihlwa, uyolinikela nomnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo njengasekuseni, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.


USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu agcwele.


yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Bheka, umuntu mumbe kwabakwa-Israyeli waletha owesifazane wakwaMidiyani emndenini wakhe, phambi kukaMose nebandla lonke labakwa-Israyeli, ngesikhathi bekhala emnyango wethende lokuhlangana.


UPhethro noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lesishiyagalolunye elingelokukhuleka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ