Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:2 - IsiZulu 2020

2 Ngokuba bazithathela amadodakazi azo aba ngabafazi babo, bathathela namadodana abo. Balungcolisile ulibo olungcwele ngokuzihlanganisa nabezizwe. Abaholi nezikhulu baba ngobhongoza ekwenzeni lokho kungethembeki.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bazithathela wona namadodakazi abo amanye amadodakazi abo, ukuze inzalo engcwele yahlangana nabantu balawo mazwe; yebo, isandla sezikhulu nezikhulu sasiyinhloko kulesi siphambeko.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:2
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, aziqokela abafazi phakathi kwawo.


Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane bezizwe abaningi nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, bakwa-Amoni, bakwa-Edomi, bamaSidoni nabamaHithi.


UShekhaniya, indodana kaJehiyeli, wozalo luka-Elamu, wathi ku-Ezra: “Asethembekanga kuNkulunkulu ngokuthi siganwe ngabesifazane bezizwe, kodwa noma kunjalo u-Israyeli usenalo ithemba.


Ngakho-ke amadodakazi enu ningawaganiseli amadodana azo, namadodana enu ningawathatheli abafazi kumadodakazi azo, ningalokothi nifune ukuthula kwazo nempumelelo yazo, ukuze nibe namandla, futhi nidle okuhle kwezwe, nilishiyele abantwana benu libe yifa labo laphakade.’


kambe singabuye siyephule yini imithetho yakho ngokuganana nabezizwe abenza amanyala anjengalawa na? Ubungayukusithukuthelela yini uze usibhubhise nya, kungasali nsali na?


Ngabathethisa abaholi bakwaJuda, ngathi kubo: “Nibenzelani lobu bubi bokungcolisa iSabatha na?


UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.


Niyakuba ngumbuso wabaphristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi oyokuwakhuluma kubantu bakwa-Israyeli.’ ”


“Niyakuba ngabantu abangcwele kimi, ngakho-ke ningayidli inyama yesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, kodwa aniboyiphonsela izinja.


uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.


Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


Akayukuyihlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakubo, ngokuba nginguSimakade omngcwelisayo.’ ”


“UJuda akathembekanga, kwenziwe okunyanyekayo kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indawo engcwele kaSimakade ayithandayo, uganwe yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.


“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.


Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngenxa yomfazi okholwayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngenxa yendoda, kungenjalo izingane zenu zingcolile, kodwa kalokhu zingcwele.


Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba ukulunga kunakuhlanganyela kuni nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?


Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Ngokuba uyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho. USimakade uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe esiyifa lakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:


“Ngokuba uma nihlehlela emuva, ninamathele kuleyo nsali yalezi zizwe ephakathi kwenu, niganiselane nazo, nize niganwe ngabesifazane bazo nazo ziganwe ngabenu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ