Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:11 - IsiZulu 2020

11 owasiyala ngayo ngomlomo wezinceku zakho, abaphrofethi, uthi: ‘Izwe eningena kulo ukulidla lingcoliswe ngukungcola kwabantu bezizwe ngamanyala abo. Baligcwalise ngokungcola kusukela kulo mngcele kuya kuloya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 oyale ngayo ngezandla zezinceku zakho abaprofethi ngokuthi: ‘Izwe eniya kulo ukulidla liyizwe elingcolileyo ngenxa yokungcola kwabantu bezizwe ngezinengiso zabo eziligcwalisile ngokonakalisa kwabo, kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Owayala ngezinceku zakho abaprofethi ngokuthi: ‘Izwe eningena kulo ukulidla liyizwe elingcolile nokungcola kwabantu bamazwe nezinengiso zabo, eligcwaliswe komunye umkhawulo komunye. Ngokungcola kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UManase futhi wachitha kakhulu igazi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela kulolu hlangothi kuya kolunye, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaSimakade.


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Abantu bakwa-Israyeli ababebuye ekuthunjweni nabo bonke abase beyiyekile imikhuba yabezizwe bazinikela ekukhonzeni uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, badla iPhasika.


Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.


“Kepha manje, Nkulunkulu wethu, sesizothini ngalokhu na? Phela siyilahlile imithetho yakho


nilalele amazwi ezinceku zami, abaphrofethi engibathumele kini, ngibathumela ngiphindelela, kodwa nina nangabalalela,


Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuSimakade, ngenxa yalezo zinengiso, uSimakade uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ