Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:1 - IsiZulu 2020

1 Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi lezo zinto sezenzekile, izikhulu zeza kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bamazwe ngokwenza izinengiso zabo kumaKhanani namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, namaMowabi, namaGibhithe, nama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:1
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyothi isizukulwane sakho sesine sibuyele kule ndawo, ngokuba ukona kwama-Amori akukapheleliswa.”


Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane bezizwe abaningi nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, bakwa-Amoni, bakwa-Edomi, bamaSidoni nabamaHithi.


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Bonke abantu ababeyinsali yamaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abozalo lwabaka-Israyeli,


UShekhaniya, indodana kaJehiyeli, wozalo luka-Elamu, wathi ku-Ezra: “Asethembekanga kuNkulunkulu ngokuthi siganwe ngabesifazane bezizwe, kodwa noma kunjalo u-Israyeli usenalo ithemba.


nokuthi uma bengafinyelelanga emhlanganweni ngezinsuku ezintathu, bayokwephucwa yonke impahla yabo, badingiswe enhlanganweni yabathunjwa ngokwesinqumo sabaphethe nezikhulu.


Ngalezo zinsuku, ngabona abanye abaJuda abasebeganwe ngabesifazane base-Ashidodi, kwa-Amoni nakwaMowabi.


UThobiya, umAmoni, wema eduze kwakhe wakloloda, wathi: “Ngisho bengazakha kabusha lezi zingange, uma kukhwela impungushe phezu kwazo ziyomane ziziwele!”


Lapho uSanibhalathi, uThobiya, ama-Arabhu, ama-Amoni nama-Ashidodi, bezwa ukuthi ugange eJerusalema luyakhuphuka nokuthi izimfa ziyavalwa, bathukuthela kakhulu,


Abozalo luka-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, bama, bavuma izono zabo nobubi obenziwa ngokhokho babo.


bazihlanganisa nabezizwe, bafunda ukugila imikhuba yabo.


Lapho uSimakade eseningenisa ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaHivi, nelamaJebusi, afunga ngalo koyihlomkhulu ukulinika nina, izwe elichichima ubisi noju, niyokuyigcina le nkonzo ngale nyanga.


Ingelosi yami izokwandulela, ikuyise kuma-Amori, kumaHithi, kumaPherizi, kumaKhanani, kumaHivi, nakumaJebusi, ngiyowabhubhisa.


Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”


Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.


Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lezi zinto, zakhuphuka zisuka esigodlweni senkosi, zaya endlini kaSimakade, zahlala ngasekungeneni kwesango lendlu kaSimakade elisha.


Izikhulu nabo bonke abantu bathi kubaphristi nabaphrofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.”


Aniyukwenza njengokwemisebenzi yeGibhithe enanihlala kulo, futhi aniyukwenza njengokwemisebenzi yeKhanani enginiyisa kulo, aniyukuhamba ngemithetho yabo.


“UJuda akathembekanga, kwenziwe okunyanyekayo kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indawo engcwele kaSimakade ayithandayo, uganwe yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.


Ngiyambona ngiseziqongweni zamadwala, ngisemagqumeni, ngiyambona. Bheka, ngibona abantu abahlala bodwa abazibona beyisizwe esehlukile kwezinye izizwe.


Bheka, umuntu mumbe kwabakwa-Israyeli waletha owesifazane wakwaMidiyani emndenini wakhe, phambi kukaMose nebandla lonke labakwa-Israyeli, ngesikhathi bekhala emnyango wethende lokuhlangana.


“Kuyothi nxa usufike ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe.


Abantwana besizukulwane sesithathu abayobazala, bayongena ebandleni likaSimakade.”


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


“Ngokuba uma nihlehlela emuva, ninamathele kuleyo nsali yalezi zizwe ephakathi kwenu, niganiselane nazo, nize niganwe ngabesifazane bazo nazo ziganwe ngabenu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ